IKAIZER Chiefs isezinhlelweni zokuchitha umdlali wasemuva, uBongani Sam, okuvela ukuthi akayizwa indaba yakhe umqeqeshi, uNasreddine Nabi.
USam (27) ujoyine iChiefs ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2024/2025 esuka kwi-Orlando Pirates. Ngesizini edlule eZimnyama bezimbolekise kwiMoroka Swallows egcine idayiselwe abeMarumo Gallants. USam ubekhona kubadlali baMakhosi abebesekhempini yokuzicijela isizini ebiseTurkey okuyilapho behlangane khona okokuqala noNabi nethimba lakhe. Nokho uSam ulimalile, wabuyiswa eMzansi kanye no-Edmilson Dove ongabhalisiwe njengomdlali weChiefs kule sizini. Nakuba eseluleme kodwa akakaze alithole ithuba lokudlala emidlalweni yeBetway Premiership. Leli nxele, elagqama kwiBloemfontein Celtic, ligcine ngokuthola ithuba emqhudelwaneni iCufa Cup iChiefs ewudlale neMarumo Gallants eBloemfontein emasontweni adlule. Ngempelasonto edlule emqhudelwaneni iHome of Legends eGqeberha, uSam ulizwe ngendaba ijezi.
Umthombo upotshozele Isolezwe Ngempelasonto ukuthi kumnyama ngoSam kwiChiefs.
“Umqeqeshi akamboni uSam njengomdlali ofanelwe wukuba sesikimini sakhe. Lokhu wakusho ngaphambi kokuthi alimale eTurkey. Ngesikhathi ebabheka bonke abadlali, wakubeka kwacaca ukuthi ubona uHappy Mashiane engcono kunoSam. Iqembu lihlela ukumdedela uma kuvulwa iwindi ngoJanuwari,” kusho umthombo.
Esikimini sikaNabi, emuva kwesokunxele okuyindawo edlalwa nguSam, kukhonya uBradley Cross othengwe kwiLamontville Golden Arrows ngaphambi kokuqala kwesizini entsha. Le ndawo uyibanga noMashiane noReeve Frosler obuye adlale kwesokudla.
Umthombo uveze nokuthi iChiefs isiqalile ukuthungatha omunye umdlali wasemuva kwesokunxele kodwa ibhekene nobunzima ngenxa yesibalo sabadlali bangaphandle enabo nakuba uDove engabhalisiwe futhi uGaston Sirino ebhaliswe njengomdlali waseMzansi. Abanye abadlali bangaphandle abasemabhukwini eChiefs nguChristian Saile (Democratic Republic of Congo), Edson Castillo (Colombia), Inacio Miguel (Angola), Thatayaone Ditlhokwe (Botswana) noFiacre Ntwari (Rwanda).
Okhulumela iChiefs, uVina Maphosa, uthe alukho ulwazi asalutholile mayelana noSam.
Amakhosi asemkhankasweni wokubuyisa izinsuku zenjabulo eNaturena, kuthiwa anike uNabi inkululeko yokusayinisa abadlali abafunayo. Naye lo mqeqeshi ukuqinisekisile emasontweni adlule, ebonga ibhodi laMakhosi ngokuzibophezela ngokuthi lizokhokha uma kufanele.
IChiefs izobuyela enkundleni ngoLwesithathu uma isiyobhekana neRichards Bay emdlalweni weBetway Premiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngo-7.30 ebusuku.
Imidlalo yBetway Premiership
NgoLwesibili
Ngo-7.30pm: Royal AM v Golden Arrows (Harry Gwala Stadium); Sekhukhune United v TS Galaxy (Peter Mokaba Stadium); Chippa United v SuperSport United (Nelson Mandela Bay Stadium)
NgoLwesithathu
Ngo-7.30pm: Kaizer Chiefs v Richards Bay (Peter Mokaba Stadium); Cape Town City v Polokwane City (Athlone Stadium)
NgoLwesihlanu
Ngo-7.30pm: SuperSport United v Marumo Gallants (Lucas Moripe Stadium)