I-ORLANDO Pirates izoqala eyesigaba samaqoqo seCaf Champions League inengcindezi yokwenza kangcono kuneminyaka edlule.
EZimnyama zizovakashela iCR Belouizdad yase-Algeria, emdlalweni wokuqala wamaqoqo ngoLwesibili ngo-9 ebusuku, e-5 July 1962 Stadium. Leli qembu eliholwa ngumqeqeshi uJose Riveiro, lishayela phezulu kulandela ukuwina indebe yeMTN8 emasontweni adlule.
Okunye okuzokwenza eZimnyama zigcwale ukuzethemba wukuthi azikaze zehlulwe emidlalweni yeBetway Premiership kule sizini futhi zihleli esicongweni se-log. Kule sizini kwiPirates kubhoke abadlali okubalwa kubona uRelebohile Mofokeng, Thalente Mbatha, Patrick ‘Tito’ Maswanganyi nabanye. Izophinda ithembele kubona ukuthi bahlakaze iBelouizdad engayiqalanga kahle isizini ka-2024/2025 ngoba isawine imidlalo emibili kuphela kweyisishiyagalombili yeligi futhi isendaweni yeshumi kwi-log. Nakuba iBelouizdad ibhinjelwa yizinto kule sizini kodwa ayilona iqembu elingathathwa kancane ngoba ibalwa namakhulu e-Algeria, ahlala eqoqa izicoco.
Ngaphezu kokuthi lo mdlalo kaGroup C kulindeleke ukuthi udle ngokukhanga, uzoba yithuba lomgadli waseMzansi, uKhanyisa Mayo, lokubhekana nezitobha azaziyo. UMayo, osayine kwiBelouizdad esuka kwiCape Town City ayishayele amagoli ayishumi ngesizini edlule, akakashayi nelokubika emidlalweni yeligi e-Algeria. Amanye amaqembu akuGroup C yi-Al Ahly yase-Egypt, neStade d’Abidjan yase-Ivory Coast.
KwiChampions League, iPirates ihambisana neMamelodi Sundowns ezodlala owamanqamu weCarling Knockout, neMagesi FC namuhla ntambama. ISundowns ikleliswe kuGroup B obophele iManiema Union yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) namaqembu aseMorocco, i-AS FAR, neRaja Casablanca. ISundowns izovula eyamaqoqo ngoLwesibili ngo-6 ntambama, ngokwamukela i-Union eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli. Kungenzeka AmaBrazilians, agcina ukuwina iChampions League ngo-2016, afike esenomfutho kowe-Union uma enqobe indebe yeCarling okungaba ngeyokuqala yomqeqeshi uManqoba Mngqithi, selokhu eqale ukuqeqesha ngokuzimela.
KwiCaf Confederation, iNingizimu Afrika imelwe yiStellenbosch FC emangaze abaningi ifinyelela esigabeni samaqoqo ekubeni iqala ukudlala kulo mqhudelwano. IStellies ikleliswe kuGroup B neStade Malien yaseMali, RS Berkane yaseMorocco, neLunda Sul yase-Angola. Izovula neMalien ngoLwesithathu ngo-6 ntambama, emdlalweni ozoba e-26th of March Stadium, eMali.