IMOTO: MITSUBISHI TRITON
IGCINE ifikile emakethe enye yezimoto ebezibhekwe ngabomvu ukuthi zizofika eNingizimu Afrika kulo nyaka iMitsubishi Triton.
Leli veni lakhelwe phezu kwesisekelo seColt eyayingezinye zezintandokazi eNingizimu Afrika.
ITriton entsha, okuyinhlobo yesithupha, izophosela inselelo amaveni okubalwa kuwo iToyota Hilux, Isuzu D-Max, Ford Ranger namanye.
KwaMitsubishi bathi “niyabasaba na, hhayi asibasabi siyabafuna” ngoba bathi noma iyiphi inselelo ephoselwa yona bayilindele.
“Ushubile umbango emakethe yamaveni eNingizimu Afrika kodwa sikholwa wukuthi iTriton ayigcini kuphela ngokwamukela inselelo kodwa inyusa izinga ngezinhlobo abashayeli abakhetha kuzo,” kusho iMenenja Jikelele yezokumaketha kwaMitsubishi Motors South Africa, uJeffery Allison.
Bathi inhlobo entsha yakhiwe kabusha.
Ngaphandle ikhanyisa ngamaLED lights kuthi ngemuva kube namalambu amise okukaT. Amarimu aphakathi kuka-16 no-18 inch, kuya ngenhlobo yakho njengoba zingu-11 sezizonke kuhlanganisa ama-single cab nama-double cab.
Uyakwazi ukwengeza izinto ezahlukene njenge-sports bar, imihlobiso kwi-grille nokunye.
Ububanzi beTriton bunyuke ngo-50mm uma uyiqhathanisa nendala nokuyinto abathi yenza kuhlaleke kahle ngaphakathi ikakhulukazi emahlombe.
I-wheelbase yona ingu-3 130mm ukuze ingaphakathi livukele.
Kufakwe i-infotainment system engu-8 inch okwazi ukuxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto. Kuphinde kube khona ne-instrument cluster engu-7 inch eveza imininingwane ngesimo semoto.
Kunezindawo zokufaka iziphuzo ngaphambili. Izihlalo bathi zintofontofo futhi zakhelwe ukweseka umgogodla.
Ngaphansi kwebhonethi bafake injini kadizili e-turbocharged engu-2.4 litre. Inamandla angu-135kW ne-torque engu-430Nm. U-gearbox uhlukene kabili, kukhona oyi six-speed manual noyi six-speed auto.
Kwi-GL kukhona injini engu-2.4 litre DI-DC kodwa enamandla angu-81kW ne-torque engu-200Nm. U-gearbox wayo uyi five-speed manual.
Bathi ishesi bayakhe kabusha ukuze ihambe kangcono. Ngaphakathi unciphile umsindo futhi intofontofo.
Okunye abakushintshile yi-suspension.
Le moto ihlukene kabili, kukhona eyi-4x2 neyi-4x4.
U-4H uwufaka imoto ihamba ngesivinini esifinyelela ku-100km/h.
Ine-centre diff eyenza ikwazi ukuhamba ezindaweni ezimbi futhi kunama-drive mode ayisikhombisa okhetha kuwo.
Kwezokuphepha bayifake i-Active Yaw Control abathi isiza emakhoneni ngokubhreka kancane ngaphakathi kwesondo langaphambili uma ujika. Lokhu bathi kwenza ifake amandla esondweni linamathele emgwaqeni.
Okunye kubalwa kukho i-Active Stability & Traction Control, Hill Descent Control, Hill Start Assist nokunye.
Intengo:
Single-cab models
Triton Next-Gen 2.4 GL 4x2 Manual S/C R479 990
Triton Next-Gen 2.4 GL 4x2 Manual S/C R559 990
Double-cab models
Triton Next-Gen 2.4 GL 4x4 Manual D/C R639 990
Triton Next-Gen 2.4 GLS 4x2 Auto D/C R679 990
Triton Next-Gen 2.4 GLS 4x4 Manual D/C R739 990
Triton Next-Gen 2.4 GLS 4x4 Auto D/C R759 990
Triton Next-Gen 2.4 Xtreme 4x2 Auto D/C R769 990
Triton Next-Gen 2.4 Athlete 4x2 Auto D/C R779 990
Triton Next-Gen 2.4 Xtreme 4x4 Auto D/C R849 990
Triton Next-Gen 2.4 Athlete 4x4 Auto D/C R859 990
Triton Next-Gen 2.4 Edition 46 4x4 Auto D/C R889 990
Zifika ne-warranty yeminyaka emihlanu, iservice plan yeminyaka emihlanu noma ephela ngemuva kokuhamba ibanga eliwu-90 000km ne-roadside assistance yeminyaka emihlannu.