UKUNAKEKELA isikhumba akudingi imikhiqizo ebizayo. Ngokuvamile kudinga izinto ezikhona emakhaya, wukuthi nje abantu kabanalo ulwazi.
Lokhu kushiwo wuNkk Thenjiwe Khumalo, ongumsunguli wendawo yokuzicwala iD'light Beauty Spa eseMorningside, eThekwini.
UNksz Khumalo odabuka eBergville wakhula eGauteng, uthe iningi labantu uma likhuluma ngokuzicwala licabanga ukuthi kuyabiza kanti akunjalo, kuya ngokuthi ukhethe ukusebenzisani.
"Sikhule sonke sitshelwa ukuthi asiphuze amanzi ukuze isikhumba sibe sihle, namanje kusenjalo. Uma ukhetha ukusebenzisa eminye imikhiqizo wusuke usufuna ukwenyusa izinga noma kukhona inkinga engaxazululeki ngamanzi onayo kodwa ngokujwayelekile nje amanzi ane-ginger noma ulamula ayasiza," kusho yena.
UNksz Khumalo uthi endaweni yakhe usiza abantu abafuna ukucwala izinwele, izinzipho ukwehlisa isisindo kusetshenziswa umshini okwazi ukukhomba ukuthi amafutha akuphi bese uyawahlakaza, ukususa isikhumba sobuso esesonakele kusetshenziswa umshini, i-waxing, facial nokwelulekwa ngokuthi unakekelwa kanjani umzimba womuntu wesifazane.
"Imikhiqizo yethu eminye ayimbi eqolo. Umuntu ojwayelekile uyakwazi ukuthola usizo ngemali anayo kanjalo nabadinga okusezingeni eliphezulu kakhulu, bayakuthola abakudingayo. Uma umuntu efika kuyanzeka asho ukuthi udingani, kubonakale ukuthi ngeke akwazi ukufinyelela kuyo ngoba kuyena iyabiza. Lelo khasimende asiliyekeli, siye sililuleke ngokuthi libuyele ekhaya liyosebenzisa izinto ezikhona ekhaya, lidle ukudla okudingwa wumzimba ukuze uzelaphe, liyeke ezinto okungenzeka ukuthi yizona ezilimaza isikhumba libuye libuye. Elinye kuyenzeka libuye selinemali, elinye kuyenzeka lifone selibonga ngoba lisizakele ngezinto ezisekhaya," kusho yena.
Uthe kunezinto kulezi zinsuku eziyingozi, abantu besifazane abazifaka enanazini ngoba befuna ukuthi ibuyele esimweni, ishise noma beyihlanza ekubeni zikhona izinto eziphephile emakhaya.
"Uma unemali ungathenga amakhambi aziwa ngeyoni kodwa uma ungenayo akusho ukuthi ngeke uyihlanze inanazi ingabi nephunga okungelona elayo ngoba zikhona izinto eziwukudla ezibulala amagciwane ezikhona ekhishini, ongazisebenzisa, esikhule ogogo besitshela ngazo. Ngiyayithanda iCovid-19 ngoba isikhumbuze ukuthi awugqumi ngoba ukhipha isinyama kuphela kodwa wubulala amagciwane, okungenzeka ukuthi uwathole ngesikhathi uhambile. Ukugquma ngamanzi wodwa nje kuyasisiza isikhumba ngokubulala amagciwane," kusho yena.
UNkk Khumalo uzobe efundisa futhi aluleke abantu besifazane ngokuzicwala emcimbini wabesifazane ohlelwe Isolezwe, Isolezwe Women's Club, ngoMgqibelo.
Umcimbi uzobe usePremier Hotel eMhlanga.
UNksz Khumalo uzobe eshiyelana inkundla nezinye izikhulumi emcimbini. Yena uzobe egxile ezintweni ezithinta ukuzicwala ezithinta isikhumba noma ukunakekela ingaphakathi lakho ngoba okudlayo kunomthelela endleleni obukeka ngayo.