OBEHLEZI amukela izivakashi emzini wakhe ngezikhathi zamaholidi, wabona kuyicebo elihle ukuziqalela ibhizinisi emkhakheni wezokungcebeleka nokuvakasha.
UNkk Phumzile Kganye (68) osenama-Bed and Breakast amane ezindaweni zaselokishini, amabili KwaMashu, eyodwa ese-Adams nenye esendaweni esedolobheni uthi uyazifela ngalo msebenzi.
Wabona kunesidingo sokuthi izindawo ezisemalokishini zihehe izivakashi, zithole indawo yokulala ziphinde zingcebeleke njengoba zazingekho izindawo ezifuze lezi emalokishini.
“Njengomuntu obathandayo abantu, nowayehlezi evakashelwa izihlobo, nabantu abacela indawo yokulala mahhala uma bevakashele eThekwini, ngabona ukuthi ngikuguqule lokhu kube ibhizinisi.
“Izivakashi zazihlezi zikuthokozela ukuba kwami njengomuntu onempatho, nokwaziyo ukwamukela abantu,” kusho uNkk Kganye.
Uthe njengomuntu osemdala, nabantwana bakhe sebekhulile wabona kungcono ukuthi aqashise ngomuzi wakhe enze imali.
“Ngaqala ngo-2010 ngesikhathi kutheleke izivakashi eziphuma emazweni ahlukene, ngacabanga ukuthi lizokhula ibhizinisi, kodwa angizange ngithole nesisodwa isivakashi,” kusho uNkk Kganye.
Lokhu uthe kwamenza wadangala kakhulu ngoba balahlekelwa imali esebeyifakile nomyeni wakhe kuleli bhizinisini, kodwa akazange adikibale wazama ukushintsha indlela yokwenza ukuze enze kahle kulo mkhakha.
“Ngaqala ngamukela izivakashi ezisuka ezindaweni eziseduze laqala lakhula kanjalo ibhizinisi, azalana ama-B&B njengoba esemane,” kusho uNkk Kganye.
Uthe izindawo zakhe ezintathu uzisebenzisa njengendawo yokungcebeleka izivakashi kuthi esedolobheni ayisebenzise njengendawo okuqasha kuyo abafundi phakathi nonyaka, kuthi ngezikhathi zamaholidi kube yilapho kutheleka khona izivakashi.
“Nginesifiso sokukhula kulo mkhakha, ngibe namaB&B asezingeni eliphezulu naziwayo ezweni lonke,” kusho uNkk Kganye.