UYOMELA elakuleli eNew York, eMelika, emqhudelwaneni wokumodela uzime oneminyaka eyisishiyagalolunye wase-Elandskop, ngaphandle kwaseMgungundlovu.
UZenzo Mpofu (9) ofunda uGrade 4, ugile izimanga eqhudelana nabanye ozime kwi-International Arts Talent Showcase ebiseKrugerdorp ngo-Okthoba 31 nonyaka.
Ube eseqokwa ukuba ayomela elakuleli kwi-International Model & Talent (IMTA) eNew York City ngo-18 kuya ku-22 Julayi ngonyaka ozayo.
Lo zime ufunda eMarion Primary, waqala ukumodela eneminyaka emithathu. Unina uNksz Nozipho Ngcobo, uthe bayaziqhenya ngoZenzo futhi kuzofezeka iphupho lengane yakhe.
“Kuzofezeka iphupho lomntanami ngokuyomodela phesheya kwezilwandle. Kumvulele amathuba amaningi futhi wagqugquzela nabanye ukuthi amaphupho angafezeka noma ngabe ungubani futhi uvela ekhaya elinjani. Siyaziqhenya kakhulu ngaye njengoba aqala ukumodela eneminyaka emithathu kuphela. Amanye amajaji abekhona kubalwa oMnuz Joey Hunter, owayeyisikhulu eFord Models New York, uRhavynn Drummer ongumqondisi kwiTyler Perry studios, uBlaze Johnson we-The Voice America noNate Butler we-America’s Got Talent,” kusho uNksz Ngcobo.
Indodakazi yakhe inezicoco kwezokumodela okubalwa uMiss KZN ambassador 2019 , Miss Face of Umsunduzi 2019, Miss Dolphin coast 2020, Miss PMB mini model of the year 2019.
UZenzo omunye ozongenela kuMiss United Nations South Africa 2020, ozobe useGoli ekupheleni konyaka.
Isolezwe likhuluma noZenzo uthe: “Ngijabule ukuthola leli thuba ngoba ngizohlangana nabanye abavela emhlabeni wonke. Ngizofunda izinto eziningi ezintsha, engizobuye ngizifundise ezinye izingane ngoba sengiqalile ukufundisa izingane zasemphakathini esihlala kuwona ngokumodela,”
Unina kaZenzo uthe udinga uxhaso lwemali ukuze akwazi ukuya eNew York.
“Sifisa noma ngubani ongasilekelele ngokuqoqa imali ukuze ingane ikwazi ukukhokhela amabhanoyi nezindleko zohambo,” kusho uNkk Ngcobo.