UMA kukhulunywa ngezobuciko namaciko abantu abaningi bacabanga umculo, umdanso, imsebenzi yezandla nendlamu, kanti ziningi izindlela zobuciko abantu abaziphilisa ngazo.
Intokazi yaKwaMashu, eThekwini, uNksz Welile “Artchild” Gumede, ye-Artdiqted Entertainment, icikoza ngokudweba osaziwayo umzimba nobuso njengendlela yayo yokuqhakambisa ezobuciko. Lokhu u-Artchild ukwenza kuhambisane nezinye zezinto eziyisiko eNingizimu Afrika, kanjalo nakwamanye amazwe ase-Afrika.
UWelile Gumede oneziqu ze-Industrial Psychology azithweswa yiNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) ngo-2017, akakaze aqashwe kodwa uziphilisa ngemsebenzi yezandla zakhe.
Ngokujwayelekile, abaculi abaningi babonakala kwithelevishini sebependwe kahle bagqoka nemisiko ehambisana kahle nokupendwa kwabo, lokhu kusuke kwenziwe ngamaciko afana no-Artchild.
"Ngaqala ngipenda, ngidweba ngisafunda ePinetown Girls, ngaze ngaqala ibhizinisi ngidayisa umsebenzi wami. Bengilokhu ngisebenza ngokuzikhandla ngifunda ngiqhubeka nokudweba, ngiphinde ngicule. Ngibe sengibona elinye ikhono enginalo lokudweba kahle umzimba. Baqale abantu bangiqashela amaphathi ngidweba izingane, abaculi bangiqashela ukubadweba uma benza ama-video," kusho u-Artchild. Abanye babaculi eseke wabapenda kubalwa uMoonchild Sanelly, Nonzwakazi, Character noLungy K.
Akazange agxile kulokho kuphela kodwa uphinde wasebenzisa ikhono analo kwezemfashini wakuhlanganisa ukuze kube lula ukuthi umculi akuthole konke akufunayo.
"Ngibheka uhlobo lwengoma nomyalezo bese ngiqala phansi umsiko ozogqokwa wumculi nabadansi bakhe ukuze kuhambisane. Nendlela engisuke ngizompenda ngayo kumele ibe nobuciko, ikwazi ukuxoxa indaba ngisho umculi engakasho lutho," kubeka yena.
Ngaphandle kwale misebenzi, naye u-Artchild ungumculi nomdansi nosekwenze waqala ukwakha indawo yokucija amakhono intsha yangakubo.
"Sengisiqalile isakhiwo sokudansa kodwa asikakapheli, ngishaywa imali noxhaso lokuqedela. Isifiso sami esikhulu ukucija intsha yaselokishini ngibe nendawo lapho ngizokwazi ukwenza umsebenzi wezandla, umdanso, umculo ngiphinde ngibe nesitolo sezimpahla. Konke kutholakale ndawonye," kusho yena.
Ephetha, uveze ukuthi inkampani yakhe isinezinkampani eziningi ezincane ezingaphansi kwayo ezibhekelele imisebenzi eyahlukene kwezobuciko. Yize ekwenza konke lokhu, u-Artchild Gumede uveze ukuthi umculo ngezinye zezinto ezihamba phambili nazimisele ngokuqhubeka nazo.