UMSEBENZI wokwenza imipheme ujwayelwe ukuthi wenziwe ngabezinye izinhlanga, abamnyama baseyingcosana kuwo. Kodwa owesifazane waseFlagstaff, e-Eastern Cape, osezinze eDurban North, uthi ubone ithuba wangena kulo mkhakha noma kunzima.
UNksz Xoliswa Chewuka weXoliswa Carports and Awnings, uneminyaka eyisishiyagalombili enza wona.
Uthe wayebambe itoho kwenye inkampani, eduze kwayo kunenkampani eyenza imipheme, wase ewuthanda umsebenzi wakopela, wavula eyakhe inkampani.
"Ngisatohoza ngangihola imali encane, ngingakwazi kwenza lutho ngemali yami, ngisebenzela ibhodwe kuphela. Kwase kunesikhathi eside ngithola amatoho anjalo. Ngathatheka uma ngibona ibhizinisi lemipheme ngazitshela ukuthi ngizokopela nami ngizivulele elami.
“Leli bhizinisi lemipheme kwakungelabomdabu baseNdiya, ngangilokhu ngikopela kancane bengangiboni, baze bagcina bengibonile ukuthi ngiyakopela. Ngenhlanhla abazange bangidinelwe njengoba ngangicabanga kanjalo kodwa bangeseka, banginikeza ulwazi. Namanje basangisiza uma ngidinga usizo," kuchaza uNksz Chewuka.
Uthe abantu besifazane abekho kulo mkhakha, uma enikeza umuntu ikhadi uyamangala uma ezwa ukuthi umsebenzi ngowakhe.
"Ukuncintisana kuningi, kudingeka ukuthi uhambe uyoma lapho kuthengwa khona izimpahla zokwakha, uyofuna amakhasimende. Akekho umuntu wesifazane lapha, yimina ngedwa. Kwesinye isikhathi ngihlala nodadewethu kodwa yena akabikhona zonke izinsuku.
“Umsebenzi wami ukuthola amakhasimende amasha bese ngiwakhombise izithombe zomsebenzi. Ngiwanika isiqiniseko sokuthi umsebenzi siwenza kahle uma engangethembi akhululeke ngoba abasebenzi bami bangamadoda, yiwona afaka umpheme.
“Kuba ngcono uma ngisho njalo ngoba abantu abaningi abakholwa ukuthi umuntu wesifazane angafaka imipheme, kanti abasebenzi bami bafundiswa yimi ngoba yimina engancela ulwazi," kusho yena.
Uthe ngesikhathi esaqala ukuwenza lo msebenzi, izinto zokwakha bezimosheka ngoba ubengakakwazi kahle ukuwenza futhi ubezenzela yena kodwa manje sekugcono kakhulu.
“Uma into ungakayazi kahle uyamosha njengoba kwenzeka uma usafunda ukupheka. Okunye okuyinselelo ukuthi abasebenzi abahlali. Uthi usumfundisile umsebenzi athole amadlelo aluhlaza, ngeke umvimbe uma ethola inkampani engcono,” kubeka uNksz Chewuka.