UKUNGAWUTHOLI umsebenzi kuholele ekutheni intokazi esencane yaKwaMakhutha iziqalele ibhizinisi lokuthi uyithume iyokwenzela igilosa, ikulandele amaphilisi noma ikumele kulayini emahhovisi oMnyango wezaseKhaya bese uyikhokhela.
UNksz Siphindile Manqele (25) oneDiploma yePublic Management, ayithole eCoastal College ngo-2019, uthi selokhu aqeda ukufunda akakaze awuthole umsebenzi awufundele, uke wathola itoho nalo eliphele ngesikhathi kungena iCovid-19 ngo-2020.
" Ngiqashwe yinkampani ngenza i-stock taking, besihamba siye ezindaweni ezikude sisebenze amahora angeqile kwamane sibuye, sifike eThekwini sekusebusuku ngilale egaraji ngoba imoto yasemsebenzini ibingayi KwaMakhutha . Bengibekezela ngoba ngithi ngifuna ukuthi nami ngibe nemali okungeyami ngingalokhu ngihlupha ubaba ngemali ekubeni ngingasafundi. Nalo leli toho laphela ngo-2020 ngahlala ekhaya," kusho yena.
Uthe akakwazanga ukuhlomula emalini kahulumeni eholwa ngabangasebenzi ngoba kuvela ukuthi uhola upoyinandi kanti akakaze awuthole.
“ Sagqigqa eMnyangweni wezaBasebenzi saze sayeka nesasisebenza nabo kule nkampani. Ngaze ngaziqalela ibhizinisi lokudayisa izingubo, izicathulo kanye nezikhwama nalo belibuye libe nokuntengantenga ngoba abantu abaningi baphelelwe imisebenzi sebethembele ezibonelelweni zikahulumeni. Bekungcono ngo-2020 ngoba isibonelelo sike sanyuswa. Ngonyaka odlule ilapho ngibone khona ukuthi kunzima kakhulu. Kulo nyaka ngithathe isinqumo sokuthi ngibe nenye into ezongingenisela imali ngaphandle kokudayisa. Inhloso yami bekungukuthi kube nemali engena zonke izinsuku," kusho yena.
Uthe ubefuna ibhizinisi angeke asebenzise imali eningi uma eliqala futhi kube yinto abantu abayidingayo ngempela.
" Akekho umuntu okungamkhathazi ukuyoma kulayini ehhovisi loMnyango wezaseKhaya, emtholampilo, esibhedlela nakwezinye izikhungo lapho kushukushwa khona amabhentshi. Ngiyazi ukuthi abanye abantu baze balove emsebenzini kanti uma kukhona umuntu ongabamela kulayini umuntu angeza ngoba esezongena. Ngabona ithuba lebhizinisi. Ukuyokwenza igilosa abanye abantu bayakunqena ngoba sekunolayini njengoba ezinye izitolo zashiswa ngoJulayi. Abantu abadayisayo bahlale bebadinga abantu abazobathuma babalandele isitokwe sabo lapho besithenga khona mina ngibethula lowo mthwalo ngibahambele bese beyangikhokhela," kusho uNksz Manqele.
Uqhube wathi bakhona abantu abawenzayo umsebenzi wokulandela abanye abantu amaphilisi ngakubo KwaMakhutha kodwa kujwayele ukuba ngabantu abadala.
" Mina ngibone ithuba lokuthi njengamanje impilo isiyashesha uma ngingakwenza kube yibhizinisi kungabi nje yinto engiyenzela omakhelwane lingakhula ngelinye ilanga ngize ngiqashe nabanye abantu. Ngiqale kulo nyaka kodwa senginabantu enginabo esinenkontileka yokuthi ngibalandela amaphilisi abo zonke izinyanga okusho ukuthi ngiyazi ukuthi njalo ngenyanga nginemali engaka engenayo bese kuba yilaba abangithuma uma benesidingo abangenazo izinkontileka," kusho yena.
Ngenyanga edlule uthe ukhangise ngalo msebenzi ezinkundleni zokuxhumana wathola amakhasimende amaningi nabanye abebemzwela ngokuthi athi efundile ebe enza lo msebenzi.
" Kumele uqaphele uma wenza lo msebenzi ngoba kunabantu abakhohlakele ungazithola wenzakaliswa. Abesilisa abanye bebengifonela bacele ukuthi ngizobabhucunga bangithembise imali enkulu. Abanye bangithembise umsebenzi. Uma ngingakwazi unginika umsebenzi ngiqale ngikuphenye kahle ukuthi ungubani ngaphambi kokuthi ngiye lapho ungithuma khona. Uma kukhona okungisolisayo angiwuthathi lowo msebenzi," kusho uNksz Manqele.
Uthe uma ezokubambela ulayini ezikhungweni zikahulumeni ubiza uR150, uma umthuma edolobheni eThekwini kuba uR100 kanti uma umthuma ngaphakathi KwaMakhutha uR80, lo msebenzi uwenza ehamba ngetekisi.
Le ntokazi ithe noma isingawuthola umsebenzi ewufundele manje izoqhubeka naleli bhizinisi ilikhulise ngoba iyabona ukuthi liyadingeka.