UGQOZI lokwenza umsebenzi onenselelo lugqugquzele owesifazane waKwaMashu, ukuthi azikhiqizele ifenisha nokuyinto engavamile kwabesifazane
UNksz Buhle Ndawo, ungumsunguli weSbukubuhle Carpenters, eyakha amakhabethe asekhishini, amakhabethe ezingubo, namakhabethe amaTV, nokunye. Uthi uyawuthanda umsebenzi omnikeza inselelo yingakho engene kulo mkhakha wokukhiqiza ifenisha.
Uchaze wathi ngaphambi kwalokhu ubenenkampani elungisa amagceke (landscaping) kodwa ayenzanga kahle, wase eyivala.
" Ubaba ubethi uma esebenza, sisebenze naye kungakhathalekile ukuthi ungumfana noma uyintombazane. Uma exova udaka, ubexova nathi noma egqobhoza udonga kukhona akulungisayo ubenza njalo. Ngeshwa washona ngineminyaka ewu-13 kodwa yayisitshalekile imbewu yokuthanda umsebenzi. Ukuvula kwami inkampani yelandscaping, kwenziwa ukuthi igceke ngiyalithanda nasekhaya ngiyazenzela. Kuthe eseshonile ubaba, umama waqala wadayisa izinto ezehlukene," kuchaza uNksz Ndawo.
UNksz Ndawo uthi ukudayisa kukanina kumenze ukuthi waba nekhono lokudayisa.
" Ngiphila ngakho ukudayisa. Ngidayisa izimpahla zokugqoka, amakhekhe nokunye kodwa bengilokhu nginesikhala sokuthi ngifuna umsebenzi ozonginikeza inselelo entsha. Ngafaka isicelo se-learnership yokwenza ifenisha, akwangalunga. Ngesikhathi kufika iCorona ngithathe isinqumo sokuthi ngiye komunye ubaba onenkampani eyenza ifenisha, ngamcela ukuthi angifundise ngizomkhokhela," kusho uNksz Ndawo.
Wayehamba nomgani wakhe, owayedukile ehambise okuthile kulo somabhizinisi.
“Ngicabanga ukuthi kwakuyisu likaNkulunkulu ukuthi ngihlangane nosomabhizinisi ngamkhombisa indawo asebenzela kuyo ngoba wayengayazi kodwa azi ukuthi ikulesi sigceme engihlala kuso. Angichithanga sikhathi uma sifika kuye ngamcela ukuthi angifundise ngoba ngiyakuthanda ukwenza ifenisha kade ngizama amalearnership ngingawatholi kanti ngeke ngibe nemali yokuya esikoleni kodwa ngingakwazi ukumkhokhela ngokuthi angifundise,” kuchaza uNksz Ndawo.
Uthe wamangala usomabhizinisi, wambuza ukuthi uyazi yini ukuthi lo msebenzi awulula.
"Wangifonela ngemuva kwezinyanga ezintathu, ngicabanga ukuthi naye wayesacabanga. Kwaba ukungena kwami ekwenzeni ifenisha. Ngenxa yokuthi ngiwumuntu odayisayo, kube lula ukuthola amakhasimende. Inkinga bekuba ukungazethembi kahle ngoba ngisheshe ngawathola amakhasimende ngemuva kwezinyanga ezintathu ngifunda. Bengihamba nothisha wami njalo uma ngiyofaka amakhabethe noma o-wardrope. Uthe esuka wanqaba ukungiphelezela kwadingeka ngizihambele ngedwa ngiyokala, ngibuye ngidwebe. Umsebenzi wami wokuqala kwaku-yifloating TV stand. Nganginovalo ngicabanga ukuthi ngizohluleka kodwa kwahamba kahle. Ngaqhubeka ngithola eminye imisebenzi ethi ayifane. Mhlazane ngithola umsebenzi wokwenza ikhishi lwabuya uvalo, ngesaba ukuthi ngizokala ngokungekona noma kukhona okuzongehlula nalapho uthisha wami wangitshela ukuthi angehlise umoya ngenze njengoba engifundisile," kusho yena.
Uthe usejwayele kodwa amanye amakhasimende aba nokungabaza uma ebona ukuthi ungumuntu wesifazane.
"Bambalwa abesifazane kulo mkhakha. Lapho kuthengwa khona ipulangwe, babengakholwa ngisaqala ukuthenga. Njengamanje angikabinayo yonke imishini edingekayo ngiyayiqasha noma ngihambise imidwebo yami ezinkampanini ezisika ipulangwe, zingisikele. Isifiso sami ukuthi ngikhule ngizenzele konke, ngibe nendawo yokusebenzela. Kumanje ngisebenzela ekhaya eworkshop kathisha wami," kuphetha uNksz Nyawo.