Mbali Khanyile
UKUKHULELA emakhaya ebuka isimo sabantu bakhona bengalutholi usizo ababeludinga, kumenze wanothando lokuba ngusonhlalakahle owesifazane okhulele KwaMachi, eHarding.
UNkk Sibongile Mkhize, osezinze eMlaza ngenxa yomsebenzi, uyinhloko yemikhankaso nezinhlelo zenhlangano esiza izingane ezihlala emgwaqweni neziyimilutha yezidakamizwa, i-I Care.
Uthe ukholwa wukuthi wabizelwa umsebenzi awenzayo.
“Ukukhulela emakhaya kungenze ngabona inselelo abantu basemakhaya ababhekana nayo. Kunzima kubo ukufinyelela ezintweni eziwusizo nabazidingayo. Ngaleyo ndlela kwakhula uthando lokusiza abantu. Lo msebenzi awunayo imali, udinga ube nothando lwawo,” kuchaza uNkk Mkhize.
Selokhu aqala ukuba wusonhlalakahle usasebenzele e-I Care kuphela futhi uyakuthokozela kakhulu lokho ngoba uyazithanda kakhulu izingane.
Phakathi kwezinhlelo athe balekelela ngazo izingane ezikhungethwe yizinkinga zezidakamizwa nezibhunguka emakhaya ngenxa yezidakamizwa uthe kukhona olokwelulekwa ngokomqondo, ukuvakashela emakhaya abatshele ngemiphumela yokulekelelwa kwengane nokuvakasha esikoleni sengane ekhungethwe yizinkinga.
“Ziyehluka izinkinga ezixaka izingane, yingakho siyaye siqinisekise ukuthi siyazelapha ngokomphefumulo kuqala ukuze sikwazi ukunqanda izinkinga ezisuke zizikhungethe,” kusho uNkk Mkhize.
Uthe izingane bazisiza zize ziphase * -matric ezinye zigcine zibe yizinto ezithile emphakathini.
Uthe yize ezinye zezingane zihlala esikhungweni sabo.