UTHANDO lokujimisa abantu lumphoqile ukuthi ashiye umsebenzi abeqashelwe wona ngokugcwele, avule elakhe ibhizinisi ngokusho kukaLethu Thusi (24).
Uthe ukujimisa abantu yinto akhule eyenza kodwa enganakile ukuthi ngelinye ilanga uzogcina esephila ngayo. Uqale ukukhokhelwa ngawo ngesikhathi esefunda eNyuvesi yaKwaZulu-Natal (KZN).
“Ngiqale ngokujimisa abafundi e-UKZN, kodwa bangiqeda umdlandla ngenxa yokuthi bebephinde badle ukudla okuzobenza bakhuluphale.
“Ngiphoqelekile ukuthi ngishintshele kubantu abasebenzayo. Ngibajimisela ezindaweni zabo, bangikhokhele. Ngo-2018 ngiqale ngaba nekhasimende elilodwa ebelingikhokhela kahle ngokulijimisa.
“Lokho kungigqugquzele ukuthi ngibe namaningi kodwa ngingazi ukuthi ngizokwenza kanjani, ukuze ngiwathola.
“Ngigcine sengizimaketha ezinkundleni zokuxhumana, ngawathola amakhasimende.
“ Ngo-2019 ngiqashwe kwesinye seziqiwi eHowick, okwenze kwaba nzima ukuthi ngiqhubeke nalo msebenzi ngenxa yokuthi bengibuye ngibe matasa nomsebenzi engiwuqashelwe,” kuchaza uLethu.
Ngenxa yaleso sizathu uthe uphoqelekile ukuthi aqale amakilasi awenza ezinkundleni zokuxhumana ejimisa abantu.
“Umuntu oyikhasimende lami ngiyambhalela ukuthi kumele enze kanjani ngiphinde ngimtshele nokudla okumele akudle, ukuze kubonakale imiphumela.
Abaningi bayabuya babonge ukuthi iyasebenza le ndlela engibaqeqesha ngayo ngoba nami ngiyalandelela, ukuthi benza okufanele.
Ngigcine sengithola namakhasimende akwamanye amazwe njengeBotswana, Namibia namanye.
Ngenxa yobuningi bamakhasimende ami, ngigcine sengiphoqeleka ukuthi ngiyeke umsebenzi ngigxile kuwo ngoba kumele ngiwanike isikhathi esanele sokuthi ngixhumane nawo ngoba ayangikhokhela,” kusho uLethu.
Uthe manje usenza lo msebenzi ngokugcwele futhi amakhasimende akhe usezowathumelela nezinto zokujima ezinegama lenkampani yakhe, iFlexers Fitness. Kosaziwayo uthe useke wajimisa noDJ Lesoul.