UKUVALWA kwezindawo zokudlela ngesikhathi okwakumele avule ngaso eyakhe, kumvulele ithuba lokuthi asungule elinye ibhizinisi lokwakha amabhodwe.
UNkk Lindiwe Lee Mngadi, ngumsunguli wenkampani ekhiqiza amabhodwe, uKhamba Cookery, udabuka eMandeni kodwa usezinze eThekwini.
Elandisa ngenkampani yakhe, uthi ngo-2020 wayesezinhlelweni zokuvula indawo yakhe yokudla eHazelmere Dam, kodwa kwathi sekusele amasonto ambalwa ivulwe, uhulumeni wavala izwe. Waphoqeleka ukuthi azimise izinhlelo zakhe.
"Kwathi uma kuvulwa ukuthi izindawo zokudla sezingavulwa, ngaqhubeka nesu lami lokuvula indawo yami, kodwa kwaba nemithetho eminingi okwakumele ilandelwe kanti nabantu babesesaba ukuzikhipha ngenxa yeCovid-19. Ngaqaphela ukuthi abantu abaningi babehlale befaka ukudla abakuphekile ezinkundleni zezokuxhumana bekhombisa ukuthi bayapheka emakhaya.
“Ngabe sengiqaphela ukuthi amabhodwe abawasebenzisayo akuwona amabhodwe amahle kanti yayingekho indlela yokuthi bawathenge ngoba ngesikhathi sokuvalwa kwezwe, kwakuthengwa ukudla kuphela. Kuthe uma kuvulwa izindawo zokudlela ngoDisemba 2020, ngabona ukuthi kumele ngibe nelinye isu ngoba zazizolokhu ziphazamiseka ngenxa yeCovid-19," kuchaza uNkk Mngadi.
Ngokusho kwakhe, uke wasebenza enkampanini eyenza ibranding yemikhiqizo ngakho wayazi lokuthi bangamsiza ngoba wayesefikelwe umqondo wokwakha amabhodwe. Uthi wayefuna ukukhiqiza amabhodwe akukhumbuza isintu kodwa akhiwe ngendlela yesimanje. Uthe wacabanga ukhamba ngoba phambilini kwakuphekwa ngalo.
"Sahlala phansi neciko lemidwebo nemifanekiso sidweba kodwa akwangalunga. Wayengayizwa into engiyishoyo ukuthi ngifuna kube ibhodwe elimnyama kodwa libe nento ekhombisa ukuthi phambilini besisebenzisa izinkuni ukupheka futhi longe ugesi ngenxa yokuthi kulesi sikhathi samanje kudingeka ibhodwe elinjalo. Ngokuhamba kwesikhathi sizama sakwazi ukudweba into engiyifunayo," kusho umsunguli weKhamba Cookware.
Amabhodwe akhiwe nge-cast iron, okwenza asabalalise ukushisa kulo lonke ibhodwe futhi akugcina isikhashana. Ingaphandle lawo limnyama bese liba nezibambo zepulangwe eziyisikhumbuzo zokubasa ngezinkuni.
"Akuwona umsebenzi omncane ukwenza. Ngiwenze unyaka odlule waze waphela ngisalungisa, ngize ngaqala kulo nyaka ukudayisa. Kumanje ngidayisa online kodwa abantu bayakwazi ukuthi sihlangane ngibanikeze ngoba abanye abakayijwayeli kahle into yokuthenga online kodwa iyona engifuna ukuqinisa kuyo ngoba nezitolo ezinkulu njengamanje zizogcina zidayisa online. Nami ngifuna ukungena ngibalwe nezinkampani ezinkulu," kusho uNkk Mngadi ehleka.