INTOKAZI yaseLimpopo, uShudufhadzo Musinda, ilifulathele ngempelasonto elakuleli, iyolimela emcimbini kaMiss World, ozoba ngoDisemba 16, eSan Juan, ePuerto Rico.
UShudu akakwazanga ukuyomela iNingizimu Afrika kuMiss World ngonyaka odlule ngenxa yokudlanga kobhubhane iCovid-19.
Le ntokazi izomela elakuleli nezinye izintokazi ezizobe ziqhamuka emazweni angu-109 emhlabeni.
Intokazi ezodla umhlanganiso kulo mcimbi izobheka kakhulu izinkinga ezithinta izifo zengqondo, kubantu abahlukene emhlabeni wonke.
UShudu uthe uzinikele ngakho konke elungiselela ukuyoba yingxenye yalo mcimbi.
“Uhambo lwami lukaMiss South Africa lungenze ngaxoxa udaba lwami, futhi ngakwazi ukuhlangana nabantu futhi ngaba yisibonelo kwabanye. Lesi sikhathi kube ngesibaluleke kakhulu kumina nokuthi ngifuna ukuba umholi onjani.
“Ngijabule ngokuthi isiqubulo sikaMiss World siyilokhu ebengikushumayela kuleli okuwukusiza abantu abahlaselwe yisifo sengqondo kakhulu nengifuna ukubasiza. Izifo ezihlukene ezithinta ingqondo zibalimaze kakhulu abantu nokuyinto okumele isukunyelwe inakwe manje, hhayi nje kuleli kuphela kodwa emhlabeni wonke,” kuchaza uShudu.
Uveze ukuthi ngesikhathi ewina umcintiswano kaMiss SA, kula azisondeza khona nabantu abasethimbeni likaMiss World kuleli futhi wazilungiselela ngalolu hambo azoluthatha manje.