UKUBA wu-plumber akusho ukuthi uhlale ulungisa izitamukoko eziphuphuma indle. Kuyenzeka kuphele iminyaka ungazange usilungise istamkoko kodwa ube ungu-plumber.
Lokhu kushiwo nguNksz Sthando Cele (29) odabuka eMthwalume osezinze eThekwini. USthando, ongumnikazi weSthando Plumbing and Civil, udume ngoThe Lady Plumber.
Le ntokazi ethi inoxhaxha lwamakhasimende ayilindile ngenxa yomsebenzi osezingeni eliyilo ewenzayo, ithi uma ike yatshela umuntu ukuthi iwu-plumber, umuntu uvele akhombise ukwenyanya, omunye aze asho ukuthi uhlala ethinta indle.
"Angibasoli abantu ngokucabanga kanjalo ngoba nami ngangicabanga kanjalo. Ngifunde sengiphakathi kulo mkhakha ukuthi isitamkoko esivalekile siyiphutha elisuke lenzekile bese kuphazamiseka ukuhamba kwendle namanzi angcolile. Uma amapayipi efakeke kahle nengqalasizinda ingasindwa kukancane lapho ubona khona inkinga yestamkoko," kusho uNksz Cele.
L
Le ntokazi ithi ngaphambi kokuthi ibe ngu-plumber yayinephupho lokusebenza ehhovisi ngoba ithanda ukuhlala ezihlalweni eziphendukayo nokushaywa umoya obandayo.
"Ngazenza izifundo zokusebenza ehhovisi, umsebenzi ngangawuthola. Izitifiketi zami zalala uthuli. Umasipala wangakithi uMzumbe wavula ithuba lokuthi intsha izofundela amakhono. Kuleyo misebenzi kwakukhona owokubeka i-bricklaying ne-pumbling. Ngakhetha ukubeka isitini ngoba nami ngangicabanga njengabantu abaningi ngokuba u-pumbler, ngicabanga istamukoko," ehleka.
Uthi ezinyangeni ezimbili zokuqala wabona ukuthi ukubeka isitini kuzombangela inkinga ngokuhamba kwesikhathi ngoba mfishane.
"Uthisha wethu owayesifundisa ukubeka isitini waba nenkinga kwase kuthiwa sizongena kwi-plumbing thina ebesifundela ukubeka isitini. Kwaba wukungena kwami kuyo i-plumbing. Kulapho ngibone khona ukuthi lo msebenzi unezinto eziningi. Akukhona ukulungisa izitamkoko kuphela. Eminyakeni eyisithupha ngiwenza lo msebenzi angikaze ngingene estamkokweni, ngoba ukuphuphuma kwesitamkoko kwenzeka ngokuthi kube nephutha," kusho uNksz Cele.
Uthe ngesikhathi enquma ukufundela umsebenzi wezandla wayazi ukuthi lo msebenzi bekwaziwa ukuthi ngowamadoda ngoba unzima.
"Ipiki liyasebenza impela, uma kunamatshe kusebenza neshizolo. Kwesinye isikhathi awekho amanzi abandayo uphuza amanzi ahlale esigujini asuke eseshisa, kuyangcolwa. Asikho iskhathi sokuthi ulokhu uthi ungowesifazane ngoba izandla zayakwazi ukwenza umsebenzi ngendlela efanayo. Kukuwena ukuthi uzitshele ukuthi ungakwazi yini ukuwenza lowo msebenzi," kusho yena.
Uqhube wathi uma eqala ukubonana nekhasimende akwenzeki angawutholi umbuzo wokuthi ngabe uyazi ukuthi kuzosetshenzwa lana akuziwe ukuzodlala.
"Lokhu basuke bekushiso wukuthi ngibukeka ngimncane ngenxa yomzimba wami, ngaphezu kwalokho ngingowesifazane. Into eyenza ukuthi uthi ngingowesifazane wubulili kuphela, kokunye ngiyefana nomuntu wesilisa," ehleka.
Uthe amakhasimende amaningi akhe afuna ukufakelwa umgundu wokuhambisa indle, ukufaka osinki egumbini lokugezela nasekhishini.