INKINGA yamasimu omoba abesekhiqiza isivuno esingaphansi kwesimele asikhiqize, iholele ekutheni umlimi acabange isu lokwenza ugologo ngomoba.
UNkk Gugulethu Masuku, ongumnikazi wepulazi iZifezeke Sugarcane Farm, eliseHeatonville eMpangeni , usezakhele udumo ngokuba ngumuntu wesifazane omnyama wokuqala ezweni owenza ugologo oyi-gin obizwa nge-rum Agricole nama-sparkling ciders. Igama likagolo wakhe iPergusus Gold rum Agricole.
UNksz Masuku uthe umndeni wakubo ulima umoba kusukela kukhokho wakhe. Yena ubukele kunina uNkk Ngemu noyise uMnuz Khulekani Masuku abangabalimi bomoba naye wangena kuwo umkhakha.
"Eminyakeni eyedlule kufike isomiso, sashayeka singabalimi bomoba. Amasimu ethu abekhiqiza umkhiqizo omncane, obekwenza ukuthi sibone ukuthi siyalahlekelwa ngoba imali esiyisebenzisile sitshala ayibe isaphuma uma sekuvuniwe. ingasaphathwa eyenzuzo. UMnyango wezoLimo ubusikhuthaza ukuthi sicabange ezinye izinto esingazenza, hlawumbe sitshale ezinye izinto engxenyeni yomhlaba," kusho yena.
Uthe yena watshala imifino kodwa waba nenkinga yokuthi imakethe eyayithatha imikhiqizo yakhe beyikhokha sekuhambe isikhathi, waqhubeka wenza ucwaningo lokuthi yini enye angayenza.
"Ngase ngibona ukuthi ukuhambisa lo moba esigayweni kuyabiza kodwa eminye imikhiqizo engangiyicabanga anginayo imali yokuthenga imishini yayo. Ngacabanga wona ugologo ukuthi ngisebenzise amanzi aphuma kuwo," kusho uNksz Masuku.
Uthe sekuphele iminyaka eyisithupha eqalile ukwenza ugologo kodwa uze wakwazi ukuthi abe nomkhiqizo awuphethe ngesandla eminyakeni emibili eyedlule.
"Akulula nakhona ukungena kulo mkhakha. Kudingeka amalayisensi amaningi, eyokukhiqiza, eyokuthutha, eyokuthi ukwazi ukunikeza abantu abafuna ukuwunambitha neyokudayisa bona utshwala. Bekumele ngisebenzisane nabanye abantu ukuze ngikwazi ukuhluza umoba ube sesimweni sokuthi wenziwe omunye umkhiqizo. Baningi osomabhizinisi engabazama ngifuna ukuthi bangihluzele kodwa bangichitha.Kwakumele ngibekezele ngingapheli amandla. Kwaphetha ngokuthi ngimthole umuntu owangisiza," kusho uNksz Masuku.
Uthe akakakwazi ukudayisa lo gologo okhethekile epulazini lakhe ngoba usalinde amalayisensi kodwa abantu bayakwazi ukuwathenga ezinkundleni zokuxhuana.
"Uma unombono kubalulekile ukuthi uhlale kuwo futhi ungazitsheli ukuthi konke kuzolunga ngokushesha. Abaxhasi abaningi bayangichitha ngoba bethi ngifuna ukukhiqiza utshwala. Bekumele ngize ngichaze ukuthi akubona utshawala nje lobu kodwa kushintshwe umkhiqizo wezolimo yingakho bubizwa ngerum agricole, okusho ukuthi ngeke ngize ngibe sezingeni lokukhiqiza utshwala obuningi njengemboni.
Le ntokazi ithi ayikufundele ukuba wumlimi kodwa ngoba izalwa emndenini olimayo kulula ukuthi ibone ithuba elingasebenza.
Uthe ubuye abe nebhuku elitholakala ngezobuchwepheshe, i-African Land Magazine, athi ulisebenzisela ukubhala ngemikhakha engavamile yezolimo, abantu abasha abangangena kuyo.
"Lokhu ngikwenzela ukuthi ngikhuthaze abantu abasha ukuthi bangene kulo mkhakha, khona bezobona ukuthi uvulelekile. Uma uthanda ezokuvakasha zikhona ezokuvakasha ezithinta lo mkhakha, i-Agri tourism. Uma uthanda ubuciko nabo bukhona, okwakho wukuthi wenze ucwaningo uthole okuhambisana nawe ngoba kudingeka ukuthi ukhethe okuthandayo, okuzothi noma uhlangabezana nezinselelo ungashiyi," kusho yena.