USEBENZISE isikhathi somvalelandlini ecwaninga ukuthi angayenza kanjani imali, ngamakhambi esintu asetshenziselwa ukwelapha izifo zabesifazane.
UNksz Sphesihle Mthiyane, odabuka eMtubatuba, kodwa osezinze eNew Germany eThekwini, onenkampani eyakha izakhiwo nemigwaqo, iYahwesina PTY Ltd, uthi ngesikhathi somvalelandlini bekungahambi kahle ebhizinisini lakhe lokwakha nelokudayisa izinto zokubhala ezisetshenziswa emahhovisi (stationery) ngoba bekuvaliwe.
" Ngalesi sikhathi bengisanda kubeletha, ekhaya banginikeza ikhambi elijwayelekile endaweni eliphuzwa ngabesifazane abasanda kubeletha, ukuze isibeletho sabo sibuyele endaweni. Ngalisebenzisa ngendlela engangitshelwe ngayo, ingxenye yalo ngabuyela nayo eThekwini ngayipha abangani bami," kulandisa uNksz Mthiyane.
Uthe abangani bakhe babuyela kuye, bemcela ukuthi akabaphathele ikhambi ngoba liyabasiza kakhulu.
" Bengilokhu ngibaphathela, kwaze kwabe ngifikelwa ukuthi ngibadayisele ukuze ngithole imadlana ngoba akusebenzeki. Abazange baphele amandla noma selidayiswa, balithenga. Kulapho ngifikelwe ukuthi ngicwaninge kahle ukuthi kanti leli khambi lenzani kumuntu wesifazane. Ngabuyela kubantu abadala ekhaya ngayobuza ngoba ngibona ukuthi nabangabelethile manje bayalifuna. Bangichazela ukuthi lilungisa isitho sowesifazane sibe sesimeni, sihlanze ukungcola uma kukhona. Ngabona ithuba mina ngoba ngiwumuntu webhizinisi futhi ngiyazi ukuthi abantu besifazane nabesilisa ziningi izinto abazisebenzisayo. Ngaqala ngafuna izitsha ezinhle engizolifaka kuzo ikhambi lami futhi ngaliqamba igama ngathi iVhala,“ kuchaza yena.
Imikhiqizo yekhambi alidayisayo iyimpushana, uketshezi oluconciselwa olimini, insipho nokokugcoba. Konke lokhu uthe ukwenzela ekhaya awekho amakhemikhali awasebenzisayo. Leli khambi uthe ngakubo liyazimilela.
" Leli khambi liyazimilela emakhaya okusho ukuthi awekho amakhemikhali elikhuliswe ngawo. Ngisebenza nomama basemakhaya okuyibo abalimbayo, baligaye benze nezikali. Uma senza imikhiqizo siligaya ngezinsiza zasendlini, asifaki amakhemikhali noma okunye okungalenza lishintshe. Ngangingakaze ngicabange ukuthi ngingazithola ngidayisa ikhambi noma imbiza. ICorona yenze ukuthi sicabange eduze singabheki izinto ezikude futhi kuyangisebenzela, " kusho uNksz Mthiyane.
Uthe kumanje imikhiqizo yakhe idayiswa emakhemisi abizwa ngeSizabantu eMnambithi, naseMpangeni, eminye uyayiposa noma ayidlive
Uthe likhulu isasasa ngomkhiqizo wakhe kubantu besifazane nabesilisa abasebencane.
“ Ngicabanga ukuthi ukuqhamuka komuntu wesifazane ongangami adayise into engabasiza kungeze ngangena emakethe ebivele ikhona ngoba abantu bayazidinga izinto ezivusa imizwa nezihlanza izitho zangasese," kusho uNksz Mthiyane.