UKUSHINTSHA kwempilo kubantu kumenze ukuthi isiphiwo sakhe sokuba nomoya asenze sihambisane nesimanje - enze imikhiqizo yakhe yokuzihlanza ngendlela yesintu ibe wusawoti, itiye, insipho eyiqhuzu nensipho ewuketshezi.
UNksz Nqobile Mkhize, odume ngokuthi nguMiss P, uthe naye njengomuntu osemusha ukhethe ukusebenzisa indlela ayibona izoba lula kubantu engeke ibagqilaze ekubeni ibanika imiphumela efanayo.
"Ngiwumuntu othandayo ukuhlale ezigeza ngoba ngikholwa ukuthi yinto okumele uyenze njalo uma ungumuntu ngoba ngiwumuntu onemimoya. Ngibuke ukuthi njengamanje kukhona abantu abathandayo ukuzigeza kodwa abangathandi ukuyenza ngendlela yakudala yokugquma ngase ngenza imikhiqizo ezokwazi ukusetshenziswa ngabantu abaningi abaphila impilo yesimanje," kusho yena.
Uthe ukhethe ukuthi azikhangise ezinkundleni zokuxhumana ngoba abantu abaningi kulapho bethenga khona manje.
Uthe ezinkundleni zokuxhumana baningi abadayisa imikhiqizo efanayo kuya ngokuthi wena owakho uwuthake ngani.
"Ngiwumuntu othandayo ukudayisa nokuba nebhizinisi futhi ngiyakwazi ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana ngendlela. Bengidayisa izimpahla zokugqoka neminye imikhiqizo phambilini. Lokhu kwenze ukuthi kube lula ukuthi ngithole amakhasimende ase-Australia nase-United Kingdom ngoba wona ajwayele ukuthenga izimpahla kwamanye amazwe," kusho uNksz Mkhize.
Uqhube wathi ngesikhathi esaqala naye wayezitshela ukuthi uzodayisa imikhiqizo yakhe abe nesitolo kodwa ukufika kweCovid-19 kwenze ukuthi awuyeke lowo mqondo asebenzise izinkundla zokuxhumana.
"Akuyona into elula kakhulu ukudayisa ezinkundleni zokuxhumana ngoba uma umuntu enganelisekile ngomkhiqizo noma ngendlela owenza ngayo ibhizinisi lakho, uzokubhadlaza khona lapho bese ulahlekelwa nangamanye amakhasimende.
“Kuleli bhizinisi kumele ukwazi ukuphendula ukuthi uzithenga kuphi izithako, nokuthi wena yini oyifakayo eyenza ukuthi uhluke owakho umkhiqizo, uma umuntu ethenga uzofika kuyena ngemuva kwezinsuku ezingaki. Ngokujwayelekile abantu abaqale bathenge ngoba nakhu ubaphendule kahle baya khona ezinkundleni zokuxhumana babheke ukuthi bathini abanye ngawe," kusho yena.
Le ntokazi ithe ibingajwayele ukuya emarenki kodwa manje isiyawahambela amarenki iyophathisa imikhiqizo yayo.