UKUNGALUTHOLI uxhaso lwemali akuchazi ukuthi sekumele ume ungaqhubeki nombono wakho.
Lokhu kushiwo usomabhizinisi, uNksz Zodwa Msimang. UNksz Msimang ongumnikazi wenkampani Ikhono Communications, uthe wasungula Ikhono Foundation ngenhloso yokuthi asize omama basemakhaya nentsha ngokubaqeqesha nokubacija kwezamabhizinisi. Ngesikhathi eyisungula uthe wayenethemba lokuthi uzoxhaswa ngemali ukuze afinyelele ezindaweni eziningi kodwa akazange abe nayo inhlanhla.
" IFoundation ngayisungula ngo-2018 kuze kube manje ayikaze iluthole uxhaso olumile lokuthi kunemali ethile yokwenza izinhlelo zethu. Siye sithole iminikelo kubantu abathile abaye bathande umbono esisuke sinawo ngaleso sikhathi. Yize kunjalo asidikibali siyaqhubeka njengamanje sigxile emphakathini waKwaNyuswa. Sisebenza nawo ezinhlelweni zokuthuthukiswa kwamakhono ebhizinisi lezolimo, ukufunda ukuthi ungaziheha kanjani izivakashi ukuthi zivakashele ekhaya lakho nokunye," kusho yena.
Uthe izivakashi eziphuma emazweni aphesheya ziyakujabulela ukuthi zizwe impilo yasemakhaya ngakho abantu abahlala ezindaweni zasemakhaya kumele bazi ukuthi bangayisebenzisa kanjani imizi yabo ukuze ibe isizinda sezokuvakasha nokufundisa lezo zivakashi ngamasiko nempilo yabantu basemakhaya.
Okunye abantu basemakhaya abacebe ngakho umhlaba kodwa abanye babo abazi ukuthi yini abangayenza kuwo, uhleli.
Uthe ulwazi lokuqala ibhizinisi njengamanje lukhona yonke indawo kodwa emphakathini wasemakhaya akunjalo ziningi izinto eziseyizihibe kubona.
"Ngisebenze nosomabhizinisi basemakhaya isikhathi eside ngesikhathi ngisebenza embukisweni wezamabhizinisi ohlelwa uMasipala, iTheku. Kuyenzeka ukuthi omama noma abantu basemakhaya babe nebhizinisi olibonayo ukuthi linombono omuhle futhi kunethuba elihle lokuthi likhule kodwa uthole ukuthi abanikazi balo abanakho ukuzethemba. Ukuzethemba ngento oyenzeyo kwenza ukuthi ikhule. Ingakho ngabona ukuthi phakathi kwezinye zezinto okumele ngizenze ukucija abantu ekutheni bazethembe," kusho yena.
Uthe ukuhlasela kweCovid-19 kwenze ukuthi izinto zishintshe ngoba umbuthano wentsha ababa nawo minyaka yonke becobelelana ngolwazi lokutshala nokufuya lushintshe lwenziwa ngezobuchwepheshe.
"Kulo nyaka sibuyele saba nalo mbuthano bukhoma ohlanganisa ukufundisa intsha ngokulima kanye nokufuya isebenzisa umhlaba okhona emakhaya," kusho uNksz Msimang.
Uthe olunye uhlelo olwenziwa inhlangano yakhe ukusiza abafundi ngezifundo zeSayensi.
“Okwamanje sisagxile esikoleni esisodwa ngakho ukuthi asikabi nayo imali eyenele yokuthi sisabalale kodwa asikwazi ukuhlala silinde. Uxhaso luzosifica ngendlela,” kusho yena.