SEKUSEMOME ukuthi zihlonzwe njengenhlekelele izehlakalo zabantu abaguliswa nabashona ngenxa yokudla okunobuthi okuthengwa ezitolo ezehlukene kuleli.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke uMnuz Velenkosini Hlabisa, esithangamini nabezindaba soNgqongqoshe abahlukene.
UHlabisa uveze ukuthi kunemigomo esalandelwa nguhulumeni ngaphambi kokuba lezi zehlakalo zibe yinhlekelele.
Namaphoyisa axwayise ngokuthi ngeke ananaze ukubathathela izinyathelo abazophazamisa izinhlelo zikahulumeni zokunqanda lesi sihlava.
Kunxuswe abantu ukuthi bangaphazamisi abafuna ukubhalisa izipaza.
“Uhulumeni usalandela imigomo ethile ngaphambi kokuhlonza lezi zehlakalo njengenhlekelele. Le migomo yenza ukuthi kube nokusebenzisana kweminyango ehlukene kahulumeni ngalesi sihlava esibhekene nezwe.”
UHlabisa uthe abantu abangalindi kuze kuphele izinsuku ezingu-21, ezibekwe ngumengameli Cyril Ramaphosa, ngaphambi kokubhalisa izipaza zabo.
Uthe isikhathi sisekhona kodwa siyahamba abanye belokhu benqikaza ukuyobhalisa.
UKhomishana wamaphoyisa uGeneral Fannie Masemola, uxwayise ngokuthi abazophazamisa amaphoyisa ekwenzeni umsebenzi wawo, bazoyikhotha imbenge yomile.
Uthe kunamathimba azophuma engena esiza abahlola izindawo ezidayisa nezigcina impahla.
“Silindele ukuthi wonke umuntu abambisane nathi. Sizoqhubeka nokuhambela izindawo okugcinwa kuzona impahla, izitolo ezidayisa ukudla nezipaza. Asifuni kube nezinto ezingalungile ezizongena ezweni,” kusho uMasemola.
Abantu banxuswe ukuthi babhalise izipaza zabo komasipala ukuze bathole usizo.
UNgqongqoshe wamaBhizinisi amancane, uNkk Stella Ndabeni-Abrahams, uthe amabhizinisi ahambisana nayo yonke imigomo azobhaliswa.
Uthe abazogxila kuphela kumaspaza kodwa bazowabheka nalawo amakhulu adayisa ukudla.
“Sifuna ukuthola ukuthi kwenzekani ngakho ngeke sigxile emabhizinisini amancane kuphela. Ungalenza ibhizinisi kuleli noma ungowangaphandle kodwa uma unazo zonke izimfanelo.”
Uthe ucwaningo luveze ukuthi zibalelwa ku-150 000 izipaza ezikhona kuleli.
“Noma ngubani onebhizinisi kungaba isedolobheni, emakhaya noma elokishini kumele abhalise. Kungaba ibhusha noma iliphi elinye ibhizinisi kudingeka ubhalisile nomasipala.”
UNgqongqoshe wezobuLungiswa uNksz Thembi Simelane, uthe kusuka ngoSepthemba nonyaka, zingaphezu kuka-890 izehlakalo ezibikiwe ezithinta ukudla okunobuthi.
“Kuzoqokwa ithimba labezempilo elizobheka imigomo nezinto okumele zenziwe ukunqanda le nkinga ezweni. Indaba yokushoda kwabezempilo abahamba behlola, yinto esiyisukumele ngokushesha kuzona zonke izindawo,” kusho uNksz Simelane.