IMANTSHI yaseNkantolo eseThekwini, uMnuz Ashwin Singh, ibanqabele ibheyili abasolwa abathathu ecaleni lokubulawa kwelungu leMK, uMnuz Mxolisi Zungu, eCato Crest.
UZungu wadutshulwa, wabulawa ngoJuni nonyaka.
Amaphoyisa abopha oMnuz Sphamandla Vulindlela Hlongwane (41), ongumsolwa wokuqala nokuvela ukuthi uyinyanga futhi uneshibhi lotshwala abuye abe ngumasitende, noNksz Ngcebo Treasure Luthuli (33) naye oneshibhi lotshwala (ongumsolwa wesibili), noMnuz Thokozani Emmanuel Luthuli (ongumsolwa wesithathu) okuvela ukuthi uziphilisa ngokudayisa emgwaqweni.
Ngemva kokulalela bonke ubufakazi bohlangothi loMbuso nolwabamangalelwa, uSingh uthe abasolwa behluleke bancama ukuthi bavezele inkantolo izizathu eziphathekayo zokuthi badedelwe ngebheyili.
USingh uqhube wathi bahlulekile ukuletha ubufakazi bokuthi amabhizinisi akhona ngempela futhi azothikamezeka uma begqunywe ngaphakathi.
Kolwezingane abathi zithembele kubo, uthe bebengaletha nezitifiketi zokuzalwa ezifakazela lokho. Icala lihlehliselwe uJanuwari 28 ngonyaka ozayo.