Magesi FC (0)2
Mamelodi Sundowns FC (1)1
Usole abadlali bakhe umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, behlulwa yiMagesi kowamanqamu weCarling Knockout eTotoya Stadium, eBloemfontein, ngoMgqibelo ebusuku.
ISundowns ibekwe phambili ngu-Iqraam Rayners esiwombeni sokuqala. UTshepo Kakora ushayele iMagesi elokulinganisa zibuya ekhefini ngaphambi kokuthi uDelano Abrahams ayishayele elokuwina sekuyophela umdlalo.
Lona bekuwumdlalo wamanqamu wesithathu kumasizini amabili iSundowns ihluleka ukunqoba. Ngesizini edlule, ikhale ngaphansi kabili kwi-Orlando Pirates kowamanqamu weMTN8 nakoweNedbank Cup. AmaBrazilians angene enkundleni ebheke ukuqeda leli shobolo eliwembethe ngokuwina indebe yawo yokuqala yesizini. Obewanika umfutho wukuthi afinyelele kowamanqamu neMagesi eseshaye amagoli angu-11, kungangenanga lutho kuyona.
UMngqithi uthe:“Le ndebe bekulotshiwe ukuthi ngeyayo iMagesi. Sikwenze konke obekufanele sikwenze ukuwina umdlalo kodwa ngebhadi uma ungawasebenzisi amathuba kwenzeka lokhu. Besazi ukuthi akufanele uChirambandare simnike ithuba ngoba amagoli abo amaningi aqhamuka kuyena. Abadlali bethu bekufanele benze kangcono ngokuthi bengamniki isikhala sokugoba ibhola. UMudau (Khuliso) ubenaso sonke isikhathi kodwa ngeke ngigxeke yena yedwa ngoba liwele epalini elikolunye uhlangothi kodwa sahluleka nalapho.Ngiyambongela uClinton (Larsen).”
Ngokunqoba iCarling, iMagesi iqophe umlando wokuba yiqembu lokuqala eliwine indebe ngesizini yokuqala esigabeni esikhulu selokhu kwasungulwa iPremier Soccer League (PSL).
ULarsen uthe“Ngiyabajabulela abadlali. Ngiyasiqinisa isandla kubona, kwesinye isikhathi kungafanele. Kodwa asinabo abaningi abanekhono njengamanye amaqembu. Iningi labadlali lapha lalahlwa ngamanye amaqembu. Ngiyayibongela iSundowns, ibiyiqembu elingcono enkundleni.”
Enkundleni, iSundowns iphathe ibhola zibekwa, izama ukugqobhoza udonga lwasemuva lweMagesi kodwa ihluleka uma isifike phambili. Ukuvala amazibuko kwabadlali basemuva beMagesi bekuphoqa iSundowns ukuthi ikhahlele ingaphandle kwebhokisi. Lokhu kubokanele ngomzuzu wesishiyagalombili ngesikhathi uTeboho Mokoena edudula imbumbulu yeshodi kodwa walivimba u-Elvis Chipezeze ezintini zeMagesi. Ukuphindile lokho lo nozinti, ebamba elikaPeter Shalulile ngomzuzu ka-15. Ubuyile uMokoena nelinye ishodi ngomzuzu ka-21 kodwa wamphinda uChipezeze. Nokho ugcine ehlulekile ukuvimba ibhola likaRayners aliqobele phakathi eligingqelwe nguLucas Ribeiro.
Esiwombeni sesibili, iMagesi ibuye yahlasela. Kusheshe kwayilungela ngesikhathi uKakora engqofela phakathi ibhola ebeligotshwe nguChirambandare kwesokunxele ngomzuzu ka-48. Emuva kwaleli goli, iSundowns ibuye ngamandla kodwa iMagesi ibingafuni lutho emuva. Ngomzuzu ka-87, u-Abrahams uyishayele igoli lesibili emuva kwekhona kaChirambandare.