Zanele Mthethwa
UKUBHEDUKA kobhubhane iCovid-19 kumbuyisele emsebenzini abewufundele owesifazane waseThekwini ophoqeleke ukuqala ibhizinisi ngenxa yokuphelelwa umsebenzi.
UNksz Nokwanda Zondi (30) waseWestridge, eThekwini, uthole kumele aqale ibhizinisi ngokushesha njengoba iCovid-19 imlahlekisele ngomsebenzi ngo-Ephreli.
Ubesebenza efemini ekhiqiza imifaniswano, okuphoqeleke ukuthi idilize abasebenzi ngenxa yokushaywa yilolu bhubhane olugadle kwazwela emnothweni.
Esikhundleni sokuthi abalise ngokungasebenzi, uNksz Zondi ucabange ngokushesha ibhizinisi elihlukile, elihambelana nothando lwakhe lokudla. Uqale ibhizinisi lapho ehambisela khona amakhasimende izithako ezinhlobonhlobo zokudla ukuze abantu baziphekele emakhaya.
“Bese ngivele nginawo umqondo waleli bhizinisi ngoMashi, ngize ngaxoxa ngalo kwabanye abangani bami. Ngithole ukuthi kukhona abalenzayo kwezinye izifundazwe futhi yibhizinisi elingakwazi nokukhula.”
Uthe ngesikhathi ephelelwa umsebenzi ubone kuyithuba lokuzama leli bhizinisi. Ukubona isasasa lokupheka emakhaya kubantu ngesikhathi kuqala uthaqa, kumnike isibindi wabona ukuthi lingamsebenzela leli bhizinisi. Uveze ukuthi yize ekuthanda ukupheka futhi ekufundele, ubone sebebaningi kakhulu abenza lo msebenzi.
“Amakhasimende ami ngabantu abazihlalela ngabodwana noma imindeni emincane. Kuyenzeka umuntu afune ukupheka isidlo esithize kodwa ahlulwe ukuzihlanganisela izithako.
Mina ngibahambisela izithako nezikalo zokudla baziphekele ekhaya. Ngesonto ngiba nezidlo eziyisihlanu engigxila kuzo kodwa kuyenzeka umuntu azicelele isidlo esithize,” kusho yena.
UNksz Zondi ofundele ukupheka eDurban University of Technology, uthe wukungawutholi umsebenzi awufundele okwenze wagcina esebenza efemini.
Ubevele ekuthanda ukupheka nokuziqalela ibhizinisi lokupheka, wabona kuyithuba lokubuyela kulokhu abevele ekufundele.
Uthe ibhizinisi lakhe ulibona likhula ngoba akekho omunye amaziyo owenza okufanayo eThekwini.