USAZIWAYO ozakhele udumo kwiThe Real Housewives of Durban, uNonkanyiso Chonco uLaConco uthi abantu bakhuluma umbhedo ngaye njengoba bethi owayengumengameli wezwe, uJacob Zuma abanengane naye, wayemkhulisa.
Lokhu kuza emva kwengxoxo ekhethekile abe nayo ne-IOL engeyandawonye nephephandaba iSolezwe Ngempelasonto, lapho eveze khona ukuthi akekho umuntu ongamthanda njengoZuma naye ngendlela amthanda ngayo.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bebethi kumele adlule manje endabeni kaZuma akhohlwe uyena ngoba wayemkhulisa.
Eziphendulela kulokho uthe: “Isibindi sakho ngiyasesaba. Ungifonela ocingweni lami uzongibuza ngombhedo obhalwe ngabantu? Kodwa ucabangile kahle mnge,” kubuza uLaConco.
Engxoxweni ekhethikile ne-IOL, uLaConco uphinde waveza ukuthi uzamile ukunika abanye besilisa ithuba kodwa akuqaphelile ukuthi abaningi bangamagwala, abazethembi.
Uthe ukuthi wake wathandana noZuma akusho lutho usadlula lapho futhi sekunesikhathi agcina ukubonana naye, kodwa abantu badidwa ukubona umbhalo wakhe, bazitshela ukuthi bandawonye. Uthe uyamhlonipha uZuma njengoba naye emhlonipha.
Uthe ngeke abe “nguSis Dolly” endodeni entekenteke nokuthi angamthanda ngisho enjalo.
Uthe akekho umuntu ongamthanda ukudlula uZuma kodwa lokho akusho ukuthi impilo ayime.
Uveze ukuthi ukunika abanye abantu ithuba kungenxa yokuthi vele akayena umuntu ophakeme futhi akasoze waziphakamisa.
Ku-X abantu bathe uLaConco ube yisisulu sokukhuliswa wuZuma ngale ndlela amkhulise ngayo.
Kukhona othe izisulu zokukhuliswa ngalolu hlobo kumbulala inhliziyo. Uthe umuntu okhuliswe ngalolu hlobo wenziwa ukuthi azitshele ukuthi akekho umuntu ongamthanda ukudlula lo osuke emkhulisa ngalolu hlobo.
Kukhona oveze ukuthi iningi labayizisulu zokukhuliswa ngalolu hlobo ababoni ukuthi babe yizisulu balokhu bebuyela emuva kulo muntu osuke emkhulisile emfaka le mfundisoze. Bathe kuba nzima kakhulu uma kungukuthi isisulu asinaye umuntu ongubaba ozokwazi ukusibonisa, sigcina siwele kulolu gibe.
Omunye uthe kumele agcine ebe nokuthula ngoba kuyacaca ukuthi ubudlelwane bakhe noZuma abusebenzanga.
ULaConco noZuma banendodana eneminyaka eyisithupha futhi ezalwa ngosuku okuzalwa ngalo uyise.
Ngo-2016 baphumele obala ngobudlelwano babo, uZuma wathembisa umshado ngo-2018. Uthando lwabo aluthathanga isikhathi eside. Yize sekuneminyaka bahlukana kodwa uLaConco usabonakala ekhuluma ngobudlelwano babo.