IZIMPAHLA zangaphansi noma ziyigugu kubantu abaningi kodwa uma sezike zagqokwa, zisuke sezithathwa njengezimpahla zokugqoka zansuku zonke
.
Kuba lula ngisho ukuwasha lezi zimpahla zangaphansi ngamanzi umuntu asuke egeza ngawo esebenzisa nanoma iyiphi insipho umuntu asuke egeza ngayo.
Abanye abanqeni ukududla izimpahla zangaphansi nezinye izingubo umuntu asuke eziwasha, esebenzisa noma yiluphi uhlobo lwensipho.
Ungoti wezimpahla zangaphansi eSatin Candy, eWindermere, eThekwini, uNksz Silondiwe Nkabinde, uthi izimpahla zangaphansi akumele nakancane ziwashwe njengezinye izimpahla, nanganoma iyiphi insipho.
Kuningi athi kungenza izimpahla zangaphansi zakhele iphunga noma zisheshe zibe amatwili ngenxa yendlela eziwashwa ngayo.
Uthi lokhu akukhethi bulili, imikhiqizo enamakha ingadala iphunga ezimpahleni zangaphansi ngenxa yokuthi uhlobo lwendwangu okuthungwa ngayo lezi zimpahla imvamisa iyefana.
UNGOTI wezimpahla zangaphansi eSatin Candy uNksz Silondiwe Nkabinde uthi kubalulekile ukuzinakekela ngendlela izimpahla zangaphansi
“Kubalulekile ukuthi umuntu anakekele izimpahla zakhe zangaphansi aziwashe ngendlela ehlukile nayisebenzisa uma ewasha izingubo zokugqoka.
“Akumele nakancane usebenzise amanzi ashisayo noma ngabe kubanda kangakanani.
“Kufana nokuziwasha usebenzisa umshini, akulungile kuyazona izimpahla zangaphansi,” kusho le ntokazi.
Uthi empeleni izimpahla zangaphansi zinemikhiqizo eyakhelwe kuphela ukuwasha zona. Ethakwe ngokucabangela ukuthi impahla yangaphansi isondela kakhulu esithweni sangasese.
Izinsipho ezibizwa ngama-lingerie wash uthi akumele zithathwe njengemikhiqizo yabadla izambane likapondo, kodwa wonke umuntu kumele asondele kuyona. Uthi le mikhiqizo yakhiwe ngezithako eziyimvelo ezikulungele ukuba kulezi zimpahla.
“Okwenza lo mkhiqizo wehluke kulezi zinsipho ezijwayelekile, uthi ukuthi awubi nazo izithako ezinamakhemikhali.
“Insipho yokugeza ejwayelekile noma lezi zokuwasha, akumele kusetshenziswe,” kusho uNksz Nkabinde.
Eqhuba uthe uma umuntu zithi zisuka esebenzisa le mikhiqizo efanele, kuyasiza ekutheni izimpahla zakhe zihlale isikhathi eside ikakhulu obhodisi kubantu besifazane.
“Indwangu yezimpahla zangaphansi iyashintsha iqine uma ungayiwashi ngendlela.
“Uma seyiqinile kuba nzima ukuthi iphinde ithambe kahle ngoba usuke umuntu eqhubeka nokuwasha ngendlela engafanele.
“Lokhu kwenza ukuthi zisheshe ziguge izimpahla zabantu abaningi,”kusho uNksz Nkabinde.
Nakhu okunye okubalulekile:
Ungangeni emanzini ungazikhumulile izimpahla zangaphansi. Khumula konke kuqala, kuyima ungena eshaweni noma kubhavu.
Ukungena nezimpahla zangaphansi kuyazinweba.
Qala ngokuwasha impahla yakho yangaphansi ngaphambi kokugeza. Ngaleyo ndlela uzokwazi ukuyiwasha ngamanzi abandayo kahle, ungayiwashi ngashisayo obukade ugeza ngawo.