AMAPHOYISA athi amaZamazama avukuza ngokungekho emthethweni azihlalele ngoba ethanda futhi ebalekela ukuboshwa emayini engasasebenzi eStilfontein, eNorth West.
Kuthiwa iqulu lalaba vukuzi liphumele ngaphandle ngeSonto ebusuku lizitshela ukuthi amaphoyisa agade le ndawo awekho.
Kuvela ukuthi amadoda athe uma ebona ukuthi abakwasidlodlo bangangoZulu ebuya emakheni, babuyela phakathi emgodini ukujula kwayo okuyi-kilometer.
Awabuyanga elambatha amaphoyisa ngoba akwazile ukubopha abavukuzi abangu-14, kubona kukhona nebhungu.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe, uthe okwenzekile kufakazele abahlale bekusho ukuthi akukho muntu ovalelekile.
“Ababoshiwe bonke bangabantu bokufika abadabuka eMozambique futhi bagcine ezitokisini. Uyaqhubeka umkhankaso wethu wokuthi baphume bonke emgodini,” kusho uBrig Mathe.
Uqhube wathi abavukuzi ababoshiwe batshele amaphoyisa ukuthi kunamadoda awu-10 ahlome ngezinhlokohlela zezibhamu abavimbezele ukuthi baphume ngoba efuna baqhubeke bambe igolide.
Luqale ngesonto eledlule futhi luyaqhubeka uhlelo lwamaphoyisa ngaphansi kwe-Operation Vala Umgodi, nobuchwepheshe bokukhipha amaZamazama esingaziwa isibalo sawo kule mayini.