Umbuzo.
MAQWABE, ngihlala emqashweni, umakhelwane wami unengane yentombazane eneminyaka engu-17. Kwenzekile ngazithola sengithandana nayo, mina ngineminyaka engu-29. Manje iyangiphoqa ukuba ngiye nayo ocansini kodwa ngiyesaba ngoba isencane. Ngisaba nokuthi kungenzeka umama wayo angibophise. Ngicebise sisi, ngenzenjani?
Impendulo.
YIZE ngingasivuni isenzo sakho sokuthandana nengane encane kangaka kodwa ngibonga unembeza wakho. Uma kungukuthi awukalali nayo ngempela, ngicela uvele uhlehle kakhulu kunakuqala ngaphambi kokuba uzithole ususejele. Kulula nje bhuti wami, tshela ingane leyo ukuthi kwaba yiphutha ukuthi uthandane nayo. Uzobona nawe njengendoda ukuthi uchaza uthini kodwa itshele ukuthi obekunihlanganisile kuphelile. Kungenjalo uzolingeka ulale nayo bese kumzali wayo kube sengathi uyidlwengulile uboshwe. Phuma nje kuyo kusekuhle.