INDODANA endala yomsunguli weqembu lesicathamiya iLadysmith Black Mambazo kaJoseph Shabalala, ithi kumi yonke into ngokwabiwa kwefa likayise emva kokuthi ithole ukuthi kunezinto ezishayisa amakhala ngencwadi yefa okusolwa ukuthi kukhona owayikokothela.
UNkosinathi Shabalala, oyindodana kaJoseph Shabalala, uthi udaba useze walufaka nakummeli ngoba kukhona okungaqondakali ngencwadi yefa likayise.
Uyise oshone ngo-2020 kuthiwa washiya kunencwadi yefa eyayicacisa konke ngokwabiwa kwalo.
Uthe ngenxa yokuthi kunezinsolo zokuthi kukhona owakokothela le ncwadi, sekuyisona sizathu esisha esenza lungaqhubeki udaba lokwabiwa kwezinto zikayise ngendlela.
“Ubaba selokhu eshone ngo-2020 kodwa akukho okucacayo ngokusingathwa kwezinto zakhe. Ngizamile ukukhuluma nabafowethu ukuze ngicaciseleke ukuthi kwenzekani kodwa akekho kubona ongitshele into ecacile. Ngigcine ngiphoqeleka ukuthi ngithathe ummeli ozongiphenyela ngokwenzekayo. Ummeli uyena okwaze ukuthi afune incwadi yefa ebihleli kubameli bakababa. Okungithusile ukuthola ukuthi kunamaphepha okuthiwa asayinwe ngubaba ngo-2021. Lokhu kungixakile ngoba ubaba ushone ngo-2020 ukuthi bekungenzeka kanjani ukuthi akwazi ukusayina engasekho emhlabeni.
“Ngo-2008 ubaba wasungula inkampani okubhaliswe ngaphansi kwayo iLadysmith Black Mambazo kodwa okuvela ukuthi uthathe isinqumo sokuphuma kuyona ngo-2021 ngenxa yokuthi ubengasaphilile. Udaba ngilufake kummeli ukuthi sithole iqiniso ukuthi kwenzekani ngalolu daba ukuze kwabiwe izinto zikababa ngendlela. Ubaba ubenezinto eziningi okumanje okungakaze kwabiwe lutho kuzona, ngisho nemizi abenayo ayidayiseki ngenxa yokuthi kunezinsolo zokuthi kukhona okungahanjiswa ngendlela,” kusho uNkosinathi.
Ummeli kaShabalala, u-Advocate BK Msimeki, uthe uyakuqinisekisa ukuthi uyena omele uShabalala kulolu daba. Uthe uma sebexoxisene ngakho konke nekhasimende lakhe uzokwazi ukuveza yonke imininingwane ngalo.
Kuthintwa enye yamadodana kaJoseph Shabalala, uSibongiseni ongomunye wabaholi beqembu likayise iLadysmith Black Mambazo, uthe konke kulele kumfowabo ngoba nencwadi yefa ikuyena.
“Akukho engingakuphawula kakhulu ngalolu daba. Umfowethu uyena ophethe incwadi yefa. Nommeli akhuluma ngaye ngummeli wakhe. Okungixakayo ukuthi akukho angakuzamile, useze wahamba ngisho nenkantolo ngalo lwafike lwamhlula lolu daba. Angazike ukuthi manje ikuphi akufunayo. Thina sizozwa ngaye ukuthi uthini ngoba nencwadi yefa le akhuluma ngayo ikuyena,” kusho uSibongiseni.
Ngokwabiwa kwezinto zikayise, uSibongiseni uthe akukho angakuphawula kodwa umfowabo uyena ongasho ngoba incwadi yefa ikuyena. Uveze ukuthi bekungakuhle bamuzwe eziphendulela.
UNkosinathi Shabalala uyindodana endala kaJoseph Shabalala. Akakaze abe yingxenye yeLadysmith Black Mambazo, okuyilona qembu elikhulu lakaShabalala, kodwa unelakhe iWhite Mambazo.