UFUNA ukugcina esekhiqizela izitolo ezinkulu amakhekhe nekhofi kwekhethelo, usomabhizinisi odayisela izinkampani ezahlukene ikhofi namakhekhe kwesidlo sasekuseni.
UNksz Yenziwe Shabalala, ungumsunguli weSweet Green Cafe, ibhizinisi asengenise ngalo ezinkampanini ezahlukene nasemahhovisi eminyango kahulumeni eMgungundlovu.
UNksz Shabalala (29) waseLandskop, khona eMgungundlovu, uthe okwenze wasungula leli bhizinisi wukuthi ubefuna ukwenza into ehlukile, nezoba yisixazululo senkinga ethile emphakathini.
"Kuthe sekubhoke iCovid-19 ngo-2020, ngabona kuyithuba elihle lokuqala ibhizinisi elinje, ngoba abasebenzi bezinkampani ezahlukene bengakwazi ukuphuma beyothenga ngenxa yemithetho eqinile yomvalelandlini.
"Iqale kanjalo-ke iSweet Green Cafe, ngenza amakhekhe nekhofi bese ngibadayisela emahhovisi abo okusebenzela," kuchaza uNksz Shabalala.
Eqhuba, uthe ngokubona ukuthi ibhizinisi liyakhula, ufake izicelo zokuxhaswa kulona ukuze lidlondlobale, nangempela waba nenhlanhla ehlomula ngoR33 000 kwiNYDA ngo-2021.
"Ngisebenzise leyo mali ukwenza isitolo esincane sekhofi namakhekhe elokishini eMbali, ukwenza kube lula nakwabasemphakathini ukuthola umkhiqizo wethu.
"Siqhubekile sangenisa emitholampilo, emanyuvesi nasemakolishi angasekhaya sidayisela izisebenzi nezitshudeni okusize kakhulu ukudlondlobalisa ibhizinisi lethu," kuchaza uNksz Shabalala obambisene noNksz Makhosazana Khuzwayo ebhizinisini.
UNksz Shabalala oneziqu iBachelor of Social Science azithola e-UKZN, uthe ujabule ngokuthi kumanje kunamahhovisi awu-25 abawadilivela ikhofi namakhekhe nsukuzonke, kanti futhi abagcinile lapho njengoba benezinhlelo zokukhulisa ibhizinisi.
"Sifuna ukuthi umkhiqizo wethu ugcine usudayisa ezitolo ezinkulu esifundazweni.
"Ngaphezu kwalokho sihlela ukugcina sesizenzela imikhiqo yokwenza ikhofi ngoba sivele sinawo umhlaba esizolima kuwona eMpendle," kusho uNksz Shabalala.
Ubonge kakhulu abeNYDA, iBrand South Africa, uMasipala waseMgungundlovu noMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi ngokumxhasa ukuthuthukisa ibhizinisi lakhe.