Amaphoyisa aKwaZulu-Natal abophe abane abasolwa ngokuba ngabavukuzi abangekho semthethweni abatholwe namatshe akhipha igolide angabiza ngaphezu kuka-R3 million eNtumbane, oPhongolo ngoLwesine.
Laba basolwa abaneminyaka ephakathi kuka-27 no-40 batholwe bematasa bezama ukukhipha igolide.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa athole ngokuvuza okungekho semthethweni okwenzeka endaweni, nokuthe uma efika abhadama abasolwa bematasa nomsebenzi wabo.
“Batholakale nemishini yasemayini ehlanganisa neziqhumane,” kusho uNetshiunda.
Uthe abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yasoPhongolo ngoLwesihlanu.