UKUSHIWA ngumzali emhlabeni kuhlale kuyisimo esibuhlungu, esenza umuntu asale nesilonda esingapholi kalula ngenxa yesikhala asala naso.
Nakuba kwaba yisimo esifanayo kuNksz Itumelenge Seleke eshiywa wunina ngo-2021, kodwa kwasiza ukumphosela inselelo yokungena kwezamabhizinisi, evala isikhala sikanina ebhizinisini labazali bakhe lendawo yokulala, iNomsa’s B&B.
Elandisa Isolezwe ngohambo lwakhe lwezamabhizinisi, uNksz Seleke uthe unina (okuqanjwe ibhizinisi ngegama lakhe) noyise (osaphila), basungula ibhizinisi ngokubambisana ngo-2010, bebona intuba yokudoba izivakashi zamazwe omhlaba ezaziza kuleli zwe ngenxa yomqhudelwano weNdebe yoMhlaba.
Uthe: “Ngenxa yokuthi ubaba udabuka eGoli, nami ngikhulele khona, kwenze ngangagxila kangako ebhizinisini labo eliseRichards Bay, ngoba beliyinto ebibukeka ikude nami. Bengivakasha ngaleso sikhathi, ngingazi lutho olutheni.”
Emuva kokushona kukanina, ubone kungekuhle ukuthi uyise athwale kanzima yedwa ebhizinisini labo, wase embonisa, emcela ukuthi naye angenelele kulona ukuze kwehle umthwalo.
“Ngiqale kanjalo ngo-2021 ngisiza lapho nalapho, ngagcina ngivumelana nobaba ukuthi kube yimi olengamelayo ngoba ebona umehluko engiwulethayo, obusiza ukulichumisa nokudoba amakhasimende,” kusho uNksz Seleke.
Uthe manje eNomsa’s B&B sebeqashe abasebenzi abawu-10, kube abaqeqeshelwa umsebenzi ayisithupha, ikakhulu njengoba besanda kuvula elinye igatsha eMelmoth.
“Kuza kahle impela kodwa zikhona izinselelo ezenza kubuye kube nzima kwesinye isikhathi, ikakhulu inkinga yokunqamuka kwamanzi nogesi eRichards Bay, okuphoqa ukuthi sihlome ngamathangi amanzi, ama-generator ne-solar ukugwema ukusokolisa amakhasimende asuke esivakashele,” usho kanje.
Mayelana nezinhlelo zengomuso, uNksz Seleke uthe bafuna ukugcina benabela nakwezinye izindawo ezweni lonke, futhi basebenzisane namanye amabhizinisi ukufukulana.