AWUZANGE ulubhade enkantolo, umndeni womsolwa ona-17 obhekene necala lokubulawa ngesihluku kwengane eneminyaka emibili isidumbu sayo esitholwe sihlohlwe ebhakedeni singenekhanda, eMkholombe ePort Shepstone ngesonto eledlule.
Lo msolwa okuvela ukuthi ungowokudabuka eMasinenge ngaseMargate, kuthiwa uzinikele emaphoyiseni ephelezelwa wunina ngempelasonto, ubevele eNkantolo yeMantshi yasePort Shepstone ngoMsombuluko.
Ubhekene necala lokubulawa ngesihluku kukaPhumelela Qhoboshiyane (2), okukholakala ukuthi wathunjwa edlala nomzala wakhe wathenjiswa ukuthengelwa ama-chips wumsolwa oboshiwe. Isidumbu sikaPhumelela satholwa sifakwe ebhakedeni emqashweni womsolwa. Amalungu omphakathi ayethukuthele, kuthiwa agxoba ngamatshe u-Aphile Ngesi (16), umngani womsolwa oboshiwe waze wafa. U-Aphile kuvela ukuthi wabhadanywa nesidumbu sengane, wathi uphuze igazi layo emva kokuyibulala kanti ikhanda latholakala emgodleni ayeselungiselele ukuhamba nawo.
Umsolwa oboshiwe okuwuyena osolwa ngokuthi wathumba uPhumelela, wayengasabonwa ngesikhathi kubulawa umngani wakhe. Uzinikele emaphoyiseni emva kokufunwa uthuli wumphakathi.
Evela kule nkantolo, obekungavunyelwe ukuthi kube nezethameli kuyo ngenxa yeminyaka yakhe, kuthiwa kudingeke ukuthi inkantolo iyalele ukuthi avele namhlanje umsolwa ngenxa yokuthi abakubo abazange balubhade enkantolo okusolwa ukuthi basaba ulaka lomphakathi ngokusoleka komsolwa kulesi sehlo.
Ilungu lekomiti elilwa nobugebengu eMasinenge lapho kudabuka khona umndeni kamsolwa, elingathandanga ukudalulwa, lithe ubeyingane ewuhlupho kusuka esemncane.
“Uyeke isikole eneminyaka ewu-12 efunda u-grade 4. Kusuka lapho ubesehamba ehlala, ethandana nabantu bokufika kuleli kwesinye isikhathi okuyibo abebemqashela indawo yokuhlala. Kwenzeka lokhu nje, kuthiwa bekusaphele izinyanga ezimbili kuphela efikile kule ndawo abeqashe kuyo,” usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uqinsekise ukuthi umsolwa uvelile enkantolo ngoMsombuluko wathweswa icala lokubulala.