KUYABHIMBA ebandleni lamaNazaretha ngaphansi kobuholi beNkosi uMduduzi Shembe uNyazilwezulu, kuxabana izethenjwa zomholi ezisolana ngokubophelana amanqina enyathi.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi kungase kuphume nesidumbu ngendlela okuxabene ngayo lezi zethenjwa.
Indaba kuthiwa iphakathi kwezinhlalisuthi ezihamba phambili kumholi uNyazilwezulu, uMnuz Xolani ‘Maliyavuza’ Zungu, noMnuz Slindelokuhle Mthiyane.
“Umuntu oyinkinga lapha uMthiyane, osolwa ngokwenza imizamo yokuthi kugudluke uZungu eduze koNyazilwezulu. Kunomnikelo ka-R18 million owakhishwa nguMengameli Cyril Ramaphosa, wokuthi kwakhiwe amadokodo aseBuhleni, kodwa ubaba uNyazilwezulu wakumisa ukuthi kuqhutshukwe nokuthi akhiwe. Inkinga bekungukuthi kwavele kwabonakala abantu sebezoqala ukwakha beholwa nguyena kepha uNyazilwezulu lungazisiwe ukuthi sekuyaqala ukwakhiwa futhi lungazi nokuthi imali yomnikelo inikwa bani ukuthi kwakhiwe. Emva kokumiswa kwalo msebenzi kube nezinsolo zokuthi uZungu utshele ubaba uNyazilwezulu ukuthi akamise ukwakhiwa kwawo ngoba esola ukuthi kunabathile abafuna ukuzihlomulisa ngawo abakhona esigungwini sikaBaba,” kusho umthombo.
Kuthintwa uZungu, uvele wakhomba uMthiyane ngenjumbane wathi nguyena ombophela amanqina enyathi nomfuna efile ngoba usezwile ukuthi usebenzisana nabantu ababezokwakha amadokodo.
“Lokhu ngikushiso ukuthi ngesikhathi ngisinde ngidutshulwa KwaMashu, ngahlangana naye uMthiyane wangitshela ukuthi ngingajabuli kakhulu ngokuthi ngisindile ngoba ngeke uphele unyaka ngisaphila. Lokhu kwangimangaza kakhulu kodwa kwaba wudaba engingamtshelanga ubaba uNyazilwezulu ngalo ngoba bengingafuni aphatheke kabi. Nokuthi yimina owamisa indaba yokwakhiwa kwamadokodo kungamanga aluhlaza lokho, angihlangani ngalutho nezinto zamathenda.
“Nangesikhathi ngiboshelwe icala lokudlwengula engingalenzanga, livelile igama likaMthiyane ukuthi usebenzisana nabathile ukungicekela phansi. Necala engangiboshelwe lona lavele laphela enkantolo njengoba inkosazana okwakuthiwa ngiyidlwengulile yaphumela obala yangitshela ukuthi ithunywe wunina ukuthi isho kanjalo ngoba isebenzisana noMthiyane,” kusho uMaliyavuza.
Kuthintwa uMthiyane uphike walala ngomhlane ngezinsolo ezibhekiswe kuyena.
“Kwalo muntu okhuluma ngaye othi uMaliyavuza angimazi mina. Yebo, kuyiqiniso ukuthi ngiyinhlalisuthi yoNyazilwezulu kodwa ngeke ngithi ngiyisethenjwa sayo. UShembe unguNkulunkulu akudingeki ukuthi kuze kube khona umuntu athembela kuyena. Noma kukhona umuntu afuna ukumthuma, uthuma noma ngubani ngaphandle kokubheka ukuthi ungubani. Ukhuluma nami nje (izolo) ngilungiselela ukuya enkonzweni eNyokeni ngoba ngisebenzela uShembe,” kusho uMthiyane.
Okhulumela amaNazaretha ngaphansi koNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe uthe uyabazi bobabili uMthiyane, noZungu nokuthi basebenza eduze koNyazilwezulu.
“Anginalwazi ngengxabano yabo kodwa uma ikhona sizocela abafundisi ukuthi bangenelele kungaze kulimale abantu. Naye uZungu sengike ngafunda ngaye emaphepheni kuthiwa uboshelwe ukudlwengula nokuthi usinde edutshulwa kodwa anginalwazi ukuthi lokho kuqhamukaphi ngoba angikaze ngiluzwele eduze udaba lwakhe. Engingakhuluma ngakho ukuthi kusasa (namhlanje) uNyazi luzobe luseNyokeni, KwaNongoma, luhambisa umkhuleko eSilweni,” kuphendula uMncwabe.