LIHLEHLISELWE inyanga ezayo yiNkantolo yeMantshi yaseMlaza, icala lowesilisa osolwa ngokubulala isitshudeni sase-Coastal College esiwunina wengane yakhe.
UNksz Nothando Mnyandu (27), wahlaselwa wagwazwa ngaphakathi emagcekeni aleli kolishi ophikweni oluKwaMakhutha emini phambi kwezitshudeni nonogada, emasontweni amabili adlule.
Kuboshwe uMnuz Phumlani Dube (28) onguyise wengane, kanti ubevele enkantolo, yanquma ukulihlehlisela uDisemba 12 icala ngoba kusaphenywa.
UDube zoqhubeka nokugqunywa esitokisini emva kokuthi inkantolo imnqabele ibheyili.
Kusolwa ukuthi uNksz Mnyandu onengane eneminyaka eyisikhombisa noDube, wazidonsela amanzi ngomsele ngokutshela umsolwa ukuthi ucu alusahlangani, okukholakala ukuthi yikhona okwenza wamhlasela ekolishi kufundwa
Unina kamgilwa uNkk Nomusa Mnyandu ekhuluma emva kokuvela kukamsolwa, uthe ukumbona kuthunuke amanxeba angakapholi kwazise kusekusha kubona ukushona kwendodakazi ebiyithemba emndenini.
“Ukufika kwabantu kusiduduzile, kodwa ukubona umsolwa kungithunukile kakhulu. Ngiyafisa ukuthi athole isigwebo esimfanele kwenzeke ubulungiswa. Nokho sizohlangana nommeli ukubheka ukuthi yiziphi izinyathelo esingazithathela isikhungo ngoba ngiyakholwa ukuthi kwaba nobudedengu,” usho kanje.
Ngaphandle kwenkantolo, bekugcwele amalungu omphakathi nezitshudeni zakulesi sikhungo zidlubhe izikibha ezinobuso bukamgilwa nombhalo onxenxa ukuthi kwenziwe ubulungiswa kuleli cala.
UNksz Mnyandu ubulawa nje, ubenza unyaka wokugcina kwi-Civil Engineering. Kuthiwa uDube okuvele ukuthi ubewusicabha ematekisini aseGalleria, ngosuku lwesigameko wadlula konogada emasangweni esikhungo ngaphambi kokuthi ayogwaza umgilwa, okushiya umndeni ubone ukuthi isikhungo asenzi okwanele ukuqinisekisa ukuphepha kwezitshudeni.
Kuthiwa emva kokugwazwa kwesitshudeni, ezinye ngokusizwa ngamalungu omphakathi zamjaha zamfica, wadluliselwa emaphoyiseni. Phambilini ngokusho komndeni kamgilwa, umsolwa ubemhlukumeza esho nokuthi uzenza ngcono ngoba nakhu esezibona efundile.