ZIYAQHUBEKA izinhlelo zokuvulwa kabusha kwendawo yobumnandi iYadini Lounge, eMlaza, phezu kokuthi umndeni uthi awazi ngazo nosekuyinto okuthiwa igulisa unina wowayengumnikazi wayo ongasekho, uMjay Zama.
USiwa Mlobeli uthe zihamba kahle zonke izinhlelo zokuvula iYadini okuzokwenzeka ngoNovemba 30, Disemba 1 nangoDisemba 2.
Kunezikhangiso zokuvulwa kabusha kwale ndawo eyavalwa ngo-Agasti nyakenye ngemuva kokushona kukaMjay owaxinwa wukugula.
Udadewabo kaMjay, uMbali Zama uthe njengomndeni bezwe ngabantu ukuthi indawo iyavulwa.
"Ngokwazi kwethu akukaphothulwa ukwabiwa kwamafa kaMjay. Zikhona izinhlelo zokuthi siyivule indawo kodwa ngaphambi kokuthi ivulwe kumele kwabiwe wonke amafa ngakho kunezinto ongakwazi ukuzenza futhi siyathanda ukulandela umthetho. Akuwenzi umqondo ukuvula indawo kunezinto ezingakaqedelwa," kusho uMbali.
Uthe njengomndeni - unina, abafowabo nodadewabo, balinde ukuzwa ngabavulayo ukuthi bafike kanjani kuleso sinqumo.
"Okwamanje asifuni ukuyithathela phezulu le nto kanti kukhona oqola abantu noma odlala ngabantu. Angifuni kodwa ukuphawula kakhulu ngoba kunezinto ezisithusayo nathi," kusho uZama.
Uthe le mibiko ayehli kahle kunina.
"Siyazama njengomndeni kodwa ziba khona izinsuku eziba nzima, ikakhulukazi kumama. Kumele simduduze. Nangesikhathi ezwa kuthiwa kuzovulwa ezwa ngomakhelwane kwakumele simduduze simtshele ukuthi kuzolunga. Kwayona le nto iyamphazamisa kakhulu, akaphathekile neze kahle."
USiwa uthe yena uyaqhubeka nezinhlelo zakhe.
"Angifuni ukuyingena eyokuxabana komndeni. Nami emndenini wami nginokwami," kusho uSiwa.
Uthe Mjay washona benezinhlelo zokunikezana amasheya ezinkampani zabo. Uthe yena unenkampani ephakela izindawo zobumnandi, amahhotela nezokudla ngeziphuzo iBlack Bottle Liquor.
"Okwamanje sinesivumelwano sokuthi ngiyiqashe indawo. Engifuna ukukusho ukuthi ngaphambi kokuthi uMjay ashone wathi ufuna u-50% wenkampani yami ngathi nami ngifuna u-50% weYadi. Ngebhadi kwenzeka okwenzeka. Ngithe uma ngikhuluma nonkosikazi wakhe wanginika indawo," kusho uSiwa.
Imizamo yokuthola umkaMjay uBusi Zama ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
USiwa uthe igama uzolishintsha kube yiseBlack Bottle.
"UMjay bengihlala naye cishe zonke izinsuku bese kungathi ubaba kimi. Bengiphakela iYadi ngotshwala. Amashisanyama amaningi ngiwaphakela ngeziphuzo. Njengamanje ngisayilungisa indawo ngilungiselela lezi zinsuku esizoyethula kabusha ngazo. Cishe ngoLwesihlanu ngizokhipha uhlu oluphelele loDJ esizoba nabo. Ngemuva kwalokho sizobe sesivula waya waya," kusho uSiwa.
Uthe ufuna indawo ibe sezingeni eliphezulu ukuze abazoyihambela beyijabulele.