SIYA ngokuba sibi isimo ezinganeni ezimbili zaseNtuzuma, eThekwini ezingeniswe esibhedlela ngeSonto kulandela ukudla amakhekhe eziwathenge esitolo sabokufika.
Lezi zelamani, okuyintombazane eno-14 nomfana ona-16 kuthiwa ziphuthunyiswe emtholampilo waseNewtown C ebusuku emva kokugula isigubhukane.
Kuthiwa zixineke kakhulu, abomtholampilo bavele bazidlulisela esibhedlela iMahatma Gandhi Memorial, ePhoenix.
Unina wabagilwa, uNksz Buyi Ngwane ekhuluma neSolezwe izolo, uthe usesibhedlela, kanti odokotela sebemtshele ukuthi bazodluliselwa esibhedlela esithe thuthu, iDkt Pixley Ka Isaka Seme Memorial, KwaMashu.
“Obekubonakala sengathi kubi kakhulu kuye ilo womfana. Uye ebengitshelwe kuqala ukuthi uzodluliselwa esibhedlela esiKwaMashu,” kusho uNksz Ngwane.
Uthe intombazane ibibukeka ilulama, bese yenzelwe nencwadi yokuyikhipha esibhedlela ngesikhathi idlikiza.
“Udokotela uvele washintsha wathi uzobadlulisela bobabili esibhedlela esiKwaMashu,” kuchaza uNgwane.
Uthe ziqalwe ukugula ngesikhathi zantambama kungakapheli sikhathi esingakanani zithenge amakhekhe, ama-short bread, esitolo sabokufika.
“Bawadle kancane, bajijeka ubuso nomzimba. Bawa, base bedlikiza. Bagcine bekhishwa nayisisu, bebuyisa,” kusho uNksz Ngwane.
Uthe udokotela esibhedlela uqinisekisile ukuthi izingane zidle amakhekhe abenobuthi, wathi kodwa okumdidayo ukuthi zidlikize ngoba uma ebheka umphumela wamasampula egazi awuvezi ukuthi zinesifo sokudlikiza.
Uthe kubaphathe kabi okubehlele, wanxusa ukuthi zivalwe izitolo zabokufika.
Ikhansela lendawo, uMnuz Sifiso Mngadi lixwayise abantu lathi abapheze ukuthenga ezitolo zabokufika.
“Akuqali ukuthi kugule izingane. Kuke kwenzeka phambilini, saze sabiza ngisho amaphoyisa. Kwaba sengathi bayaboshwa ngoba babengenawo namaphepha okuba kuleli, kodwa sithe sibona, babuya, baqala phansi bazivula izitolo zabo,” kusho uMngadi, othe sekulele emphakathini ukuthi ugweme ukuthenga kulezi zitolo.
Ekhuluma nezwe ngoLwesihlanu ngegxathu elithathwa uhulumeni ukulwa nokubhebhetheka kwesihlava sokushona kwabadla ukudla okunobuthi, uMengameli Cyril Ramaphosa, uthe bonke abezitolo ezincane banezinsuku eziwu-21 kuphela ukubhalisa ngokusemthethweni.
Ngesikhathi ekhuluma nesizwe, uRamaphosa uthe zizovalwa zonke izitolo ezingabhalisiwe ezinsukwini eziwu-21 nezingayilandeli imigomo yezempilo.