BATHI balinde ngabomvu icala lesihlalo sobukhosi baKwaZulu, abahambisana noMntwana uSimakade kaZwelithini, njengoba bethi abayingeni indaba yokuthi bayathinteka ekuthumeni owesifazane owayefuna ukungena ngodli lapho kwakuhleli khona izikhulu esikhumulweni sezindiza iKing Shaka ngeledlule kuvulwa umfuziselo weLembe.
Lokhu kuvezwe uMntwana uMazwi waKwaMinyamanzi, othe bona abamazi owesifazane wakwaNgcobo.
Lokhu kulandela ukuthi iSilo uMisuzulu, sithe owesifazane sizomnika usizo njengoba simazi futhi sazi ukuthi uthunywe abakwabo abambangisa isihlalo.
Ekhuluma neSolezwe uMntwana uMazwi, uthe akukho mibuzo abantu abasazibuza yona njengoba iSilo sesivezile ukuthi bayazana.
“Mina angazi kungani sisazibuza imibuzo eminingi ngalolu daba. UMntwana uMisuzulu ukhulume into waphinde waziphikisa yena futhi. Uthe owesifazane uyamazi, futhi wazi lonke usizi lwakhe ngakho uzomsiza. Ujika yena uyaziphikisa futhi ngaye athi uyamazi ubangiswa isihlalo ngaye. Ngakho thina ngakolwethu uhlangothi asiyazi le ntokazi, thina sibheke phambili ekuqulweni kwecala ngonyaka ozayo njengoba seliseduzane, yilona eliyokhipha amaqiniso ahlale obala.” kuchaza yena.
Uthe ngeke bande kakhulu ngowesifazane kodwa ngelinye ilanga ithumba liyobhoboka njengoba kumanje bevakashelwa amaphoyisa ezobaphenya.
“Kukhona amaphoyisa alokhu efika ethi athunywe ngabanye babaholi kuhulumeni sivulelwe amacala. Ngakho ngeke siphawule ngale ndaba esingayazi.”
UMntwana uthe bayazi ukuthi akuhlangene nalolu daba lowesifazane.
Indlulamithi ikhuluma esigodlweni eNyokeni kunomthandazo wamaNazaretha, iveze ukuthi lolu daba bazolusebenza njengoba efuna kuphume lonke iqiniso linjengoba linjalo. Ithe okwenza ikhulume ngalolu daba yize bebengazele lona, ukuthi wonke umuntu ukhuluma akuthandayo ngalo ezinkundleni zokuxhumana.