INDLUNKULU ewunkosikazi wokuqala weSilo samaZulu uMisuZulu KwaZwelithini, uNtokozo KaMayisela Zulu useveze ukuthi ukungabonakali kwakhe emicimbini esanda kwenziwa eNdlunkulu nokusuke kuneMbube kusona, akusho ukuthi kunezinkinga, kodwa kunezizathu eziqondene naye.
Usho lokho esitatimendeni esiputshukele abezindaba ngoMsombuluko, okuvela ukuthi sikhishwe yinhlangano yakhe iKwaMsokolo Foundation, lapho eveza khona ukuthi uyakuqinisekisa ukuthi useyingxenye yobuKhosi bakwaZulu.
“Uthando nentshisekelo enginayo ngalesi sizwe, kanjalo nokuzibophezela kwami ukusakha nokuseseka kusamile futhi ngeke kuze kuzanyazanyiswe yilutho namuntu. Ukungabonakali kwami emicimbini esanda kwenziwa kungezizathu eziqondene nami futhi neSilo esizaziyo ngokuphelele,” kusho isitatimende.
Lokhu kuza nje, iSilo sisematheni kulezi zinsuku ngowesifazane owabonakala emcimbini owawusemasontweni amabili edlule, wokwethula ngokusemthethweni umfuziselo sombumbi wamaZulu, uShaka Zulu, esikhumulweni sezindiza iKing Shaka.
Lona wesifazane okuvela ukuthi ngowakwaNgcobo, wabonakala ezama ukudlova, efuna ukuya lapho okwakuhleli khona iSilo.
ISilo sivumile ukuthi lona wesifazane siyamazi kodwa asikaze sibe nabudlelwane naye, saqinisekisa nokuthi sizozama ukuxhumana neNkosi yamaQadi ukuze asizakale.
Eqhuba uKaMayisela esitatimendeni, uthe yena unamadodana (amazinyane) amabili kuphela, futhi akakaze azale ezinye izingane, wacacisa nokuthi akanankinga nesithembu.
“Nokho nami ngizwile ngomshado womyeni wami ezinkundleni zokuxhumana, njengabo bonke abanye abantu abaze kanjalo ngawo. Angikaze ngihlangane noNdlunkulu omusha, futhi angazi lutho ngaye. Angikaze ngithole sipho kuyena, futhi angikaze ngethulwe kuyena. Akukho nesesike sakuxoxa ngezingxoxo zokulotsholwa kwakhe nokunye, futhi angixabene nanaye ngoba angimazi,” kusho isitatimende.
“ISilo sinomunye uNdlunkulu ongahlali kuleli zwe, futhi owaziwayo noseke wabonakala emicimbini eyahlukene yaseNdlunkulu. Angikaze ngigxambukele esinqumweni zakhe. Njengoba ngiwunkosikazi wakhe wokuqala, angikaze ngiyingene eyezinto ezinjalo azenzayo. Mina ngiyaqhubeka nokuhlala esigodlweni sami KwaNkomonye, Olundi. Nabaqaphi bami abakaze basuswe kimi noma ezinganeni,” kusho uKaMayisela.
Uthe kumphatha kabi ukubona igama lakhe nelezingane zakhe lihudulelwa phansi ngemibiko engelona iqiniso esabalala ezinkundleni zokuxhumana. Uthe ukuthi usemehlweni abantu ngokuganela ebukhosini, akusho ukuthi ubuhlungu akabuzwa.
Kuthintwa inombolo ebisesitatimendeni, ukuqinisekisa okushiwo kusona, obambe ucingo uthe akazi lutho ngaso, kodwa wavuma ukuthi iKaMsokolo Foundation uyazi ngayo, yize enganabanga ukuthi uwubani yena.