NAMHLANJE ngiyakugcizelela ukuthi izinkinga zocansi azikho kowesilisa kuphela nabesimame banazo futhi zinkulu. Okushaya abesilisa ukuthi ithuluzi labo lizikhombisa kubone wonke umuntu uma kunenkinga ekubeni kwabesifazane ithi noma inkinga ikhona akwazi ukuqhubeka nocansi kube ngathi akwenzekanga lutho.
Kunabantu besilisa nabesifazane abangakwazi ukuvukelwa mpelampela ngenxa yokushoda kwehomoni i-Nitric Oxide (NO). Lapha sibona ngoba ngisho ngabe usebenzise miphi imishanguzo yocansi akwenzeki lutho, induku ayivuki, iwela phakathi ifune nokushokwa lapho isizinhlanhlathela nje, ngingakushiyi ukushesha uchithe kungathi uyiqhude.
Nabakwesifazane kuba yinto ethi mayifane, uthi noma ehalela lutho ukuvukelwa, kuvele kuthi cwaka aze asizwe ukuvele adedele umzimba, avumele umlingani wakhe enze akwenzayo ngisho yena kungekho bumtoti abuzwayo.
Abanye ngicabanga bayazibuza ukuthi iyini i-Nitric Oxide? Lena yigesi ekhiqizwa yimizimba yethu ezindaweni ezahlukene emithanjeni kusetshenziswa ikhemikhali i-Arginine.
Umlomo wawo wonke umuntu ubalulekile ekuphehleni izakhi ze-NO njengoba sizochaza maduze nje. Le gesi inomsebenzi obalulekile yize ihlala isikhathi esincane emizimbeni yethu; ivula imithambo yedlule isebenze ibe yikhemikhali ekhwezela uchungechunge lokusebenza kwamanye amakhemikhali ukuze imizimba yethu isebenze ngokuqondile.
Umuntu oseshoda ngale gesi sibona ngokuthi ahlale enomfutho wegazi ophezulu kuze kudingeke imishanguzo ukulawula umfutho wakhe, abanye abaluhaleli ucansi futhi induku ayivuki, abaningi sababona ngesikhathi somkhuhlane i-Covid, beshona ngenxa yokuhluleka ukuphefumula ngisho benikwe imishini yokuphefumula. Isizathu salapha kwabe kungukungabi bikho kwe-Nitric Oxide emithanjeni ukuze ixhumanise uchungechunge ekuphefumuleni.
Ake sibuyele endukwini nasekungavukelweni kowesimame: ukuze induku ivuke ime mpo kudingeka ukusebenzisana kwekhemikhali i-Arginine nenye ikhemikhali engicela siyibize nge-NOS (Nitric Oxide Synthase). I-NOS iyona eba ngumdidiyeli lapha.
Ziyalumbana lapha izinto ezingamakhemikhali kuze kudaleke lena esiyibiza ngo-cGMP (Cyclic Guanosine MonoPhosphate), uyezwa namhlanje sikhipha amatemu amakhulu? Kubalulekile ukubalula le khemikhali ngoba iyona okuliwa ngayo lapha emaphilisini okuthiwa avusa induku ngoba lo cGMP kumele abe mningi egazini ukuze imithambo yegazi ivuleke bese liyahamba igazi, ivuke induku.
Kwesinye isikhathi kunele kungabakhona le khemikhali u cGMP bese kuvela amabhobhodleyana ayizichithamuzi avele ayihlakaze ibe yimvuthu. Imishanguzo lena yenduku, ngikhuluma ngalena yangempela, indlela esebenza ngayo ukuvimba lamabhodleyana esithe ayizichithamuzi ukuthi ingahlakazwa ukuze u-cGMP abe mningi egazini bese imithambo yegazi ihlala ivulekile ligeleze igazi ivuke induku.
Le mishanguzo yenduku isebenza lapha ku-cGMP kuphela hhayi kwenye indawo, ngikugcizelela lokhu ngoba kunabantu besilisa abathi noma sebeyiphuze kangakanani imishanguzo kodwa lutho induku izilalele ingavuki.
Inkinga lapha sekuwukuthi le mishanguzo engamaphilisi ikakhulu isebenza uma ekhona u-cGMP. Ukuba khona kuka-cGMP kulawulwa ukwenzeka kwaleya khemikhali esithe ingu-NO(Nitric Oxide). Abantu abashoda ngekhemikhali u-NO baningi kakhulu empeleni izibalo zibabeka kuhhafu amadoda ahamba ahambe aphelelwa yilo-NO, yingakho imishanguzo yenduku ingasebenzi.
Ukungabi nale khemikhali i-NO kwenziwa yisifo esibizwa ngokuthi yi-Endothelial Dysfunction, lokhu kuchaza ukulimala kwengaphakathi lemithambo. Uma umzimba wakho usune-Endothelial Dysfunction kuchaza awusakwazi ukuzenzela le khemikhali i-NO, okuchaza ukuthi i-cGMP ayisenzeki kuwe. Uma ingekho le khemikhali imithambo ihlala ivalekile ingavumeli ukugeleza kwegazi okukhululekile, yingakho induku ingezukuvuka nje. Ukuze ivuke udinga i-NO (Nitric Oxide) bese uchungechunge lwamakhemikhali kuyenzeka idaleke i-cGMP, induku izovuka-ke nemishanguzo yakhona izosebenza. Kubalulekile ukuthi sikuqonde lokhu ukuze uma sekwenzeka sazi imbangela ikuphi.
Umbuzo uzothi uma l ekhemikhali i-NO isishoda kumele wenzenjani? Okokuqala i-NO ayiphekwa kuphela emithanjeni, imilomo yethu nayo iyindawo lapho kuphehlwa khona izakhi ze-NO, besike sasho ngenhla.
Emlonyeni yethu kunamagciwane amaningi okumele abe khona okungamele abulawe noma asuswe. La magciwane (Facultative Anaerobes) anhlobonhlobo asebenzisa izidlo eziluhlaza ukuphehla izakhi ze-NO. Lezi zakhi uthi ungagwinya, zehle zize zifike emathunjini amancane, umsebenzi uqedeleke khona owokwenziwa kwe-NO.
Lokhu kwenza kubaluleke ukugcizelela ukuthi asikubalekele ngazo zombili ukusebenzisa ama-toothpaste nemithi lena engamanzi emlonyeni. Uma usebenzise le mithi yokuxubha engenhla okanye wawasha umlomo namazinyo ngalawa makhemikhali angamanzi usuke usubulale wonke amagciwane asemlonyeni ngisho nalawa anomsebenzi wokukwakhela izakhi ze-NO lena oyidingayo ukuze induku ivuke. Uma uxubha ngale mithi ekhona okanye ugeza umlomo ngalama khemikhali yeka ukukhala ngokushesha uchithe, induku engavuki okanye ephelela endleleni ngoba uzenza wena.
Ukuxubha nokugeza umlomo okunempilo kumele sisebenzise umlotha wezinkuni. Ngiyaphinda ngithi asisebenzise umlotha wezinkuni uma sifuna induku engasheshi, evukayo ingakushiyi endleleni, uma sixubha noma sigeza umlomo. Amakhemikhali esiwathola emithini yokuxubha alimaza okuningi ngaphakathi kuhlanganisa ukungabatholi abantwana kwabesimame, ubudoda obungenamandla kuthiwe imbewu awunayo, isifo sikashukela, ukulimaza indlala iThyroid nokuningi emzimbeni wakho.
Ikhona nemithi ekwazi ukusinikeza i-NO, njenge-NO2U, ne-N1O1 Beetz ongayithenga uyisebenzise uyeke ukukhohliswa izinkampani zithi zinesisombululo senduku, zisho ziqamba amanga zihlose ukwenza imali esheshayo. Le mithi engenhla iyashesha ukuvula imithambo, ubhasobhe uma uzwa uphathwa yikhanda, isiyezi; usheshe usondele kudokotela wakho akusize.
Mpilonde!