UMLINGISI womdlalo osakazwa kuMzansi Magic, iChampions, uTumisho Masha, uthe walahlekelwa wumuzi, yingane nemisebenzi ayeseqashwe kuyo emuva kokwahlukanisa nobengumkakhe wesibili, uZozibini Mtongana.
UTumisho (49), onguPhilemon kulo mdlalo, ubekhuluma kwi-Engineer Your Life Podcast ngosizi abhekana nalo.
Uthe okwakumenza ahlukumezeke ukuthi imithetho yakuleli icheme kakhulu nabantu besifazane kunabesilisa.
Uthe wahlangabezana nobunzima obukhulu emuva kokwahlukanisa nomkakhe ngo-2016 kangangoba waze wanqatshelwa nokubandakanyeka empilweni yendodakazi yabo.
UTumisho uthe waze wasizwa ukugqigqa enkantolo ukuze agcine ethole ilungelo lokukhulisa ingane yakhe ngoSepthemba ngonyaka odlule.
Ngaphezu kwalokho, uTumisho ubuye waveza ukuthi ukwahlukanisa nomkakhe kwenza walahlekelwa umuzi nemisebenzi ayeyenza kwithelevishini ngenxa yezinsolo zokuthi ubehlukumeza obengumkakhe.
"Ngaphoqeleka ukuba ngiyohlala nabazali bami ekhaya. Yilapho ngathola khona ukuthi umndeni wami uyangithanda."
UTumisho uthe kwabanzima satshe ukuphinda athole umsebenzi wokulingisa ngoba ubetshelwa emehlweni ukuthi akekho ozimisele ngokusebenza naye njengoba esolwa ngokuhlukumeza.
Uthe wasizwa ukungena ephuma ezinkantolo ukuze agcine etholakale emsulwa. Njengamanje uTumisho ushadelwe wunkosikazi wesithathu uChantel owelama uZozibini, naye owayelama umkaTumisho wokuqala ongasekho emhlabeni, u-Angela.
Leli ciko selineminyaka engaphezu kuka-20 liyibambe ishisa kule ndima kanti selike lalingisa nezingwazi ezidume umhlaba wonke kwiCatch a Fire (2006), Beyond Borders (2003) nakwiMandela's Gun (2016).