UKHIPHE ingonyuluka kumalungu ePhalamende umqondisi jikelele eMnyangweni weMfundo eyisiSekelo, uMnuz Mathanzima Mweli, mayelana noputshuka kwamaphepha ka-matric minyaka yonke.
UMweli utshele amalungu ukuthi amaphepha ka-matric awaputshuki ezinkampanini ezithole umsebenzi wokuwagaya kodwa aputshuka kwi-Government Printing Works.
Ukusho lokhu kulandela ikhwelo lokuthi kumele kusetshenziswe lolu hlaka lukahulumeni ukugaya amaphepha ka-matric, njengoba ezifundazweni eziningi kusetshenziswa izinkampani ezizimele.
“Akumele ngabe ngiyayisho le, kodwa ukuputshuka kwamaphepha ka-matric kuleli, kwenzeka kwi-Government Printing Works. Iminyango yezifundazwe iyona eqoka izinkampani ezizogaya amaphepha ka-matric. Lokhu zikwenza ngenxa yezokuphepha,” kusho uMweli.
Uthe amaphepha ka-matric kumele aqashwe ngelokhozi angaputshuki ngoba lokho kubeka engcupheni izinga lalezi zivivinyo.
Uchithe nendaba yokuthi basebenzisa imali enkulu ukugaya amaphepha ka-matric.
Uveze ukuthi u-R3.6 billion uhlanganisa lonke uhlelo lokubhalwa kwezivivinyo, kusuka ekukhokheleni abamakayo, ukukhokhela ukudla abazokudla, ukuhambisa amaphepha, ukuwagaya kanjalo nokunye okuhlanganisa lezi zivivinyo.
NoNgqongqoshe walo mnyango, uNksz Siviwe Gwarube, ukuchithile ukuthi bakhokha imali enkulu ukugaya aka-matric.
Bakusho lokhu ngesikhathi bevele ngaphambi kwekomiti lasePhalamende muva nje.
Odabeni oluthinta ukuhanjiswa kwezincwadi nama-workbooks ezikoleni, uMweli uthe abazihambisi zonke ngesikhathi ngenxa yokuthi ziyebiwa.
‘Asikwazi ukuwahambisa konke kanye kanye ezikoleni ngoba sinenkinga yokuthi izikole ziyagqekezwa, bese kwebiwa. Yingakho ama-workbooks, siwabambisa kancane kancane ukuze engebiwa,“ kusho uMweli.
Uthe kwesinye isikhathi kuke kushiswe isikole, ngakho abafuni ukuthi balahlekelwe yikhona konke okuyizinsiza zokufunda.
Amalungu ePhalamende akhale ngokuthi kungani umnyango ugxile KwaZulu-Natal, ekubeni nezinye izifundazwe zibhekene nezinselelo ezifanayo?
UNksz Gwarube uthe iKZN isenkingeni enkulu, ifana nesemgodini.
“Isenkingeni iKZN, sigxile kuyona ngenxa yezinkinga ezinkulu ebhekene nazo. Umnyango waseKZN ucwilile, kunezinkinga ezinkulu. Ziyalungiswa lezi zinkinga njengoba uMweli ebehambele kulesiya sifundazwe ezama ukulungisa izinkinga,” kubeka uNksz Gwarube.
Uthe iKZN idinga lonke usizo oluvela kuwonke wonke njengoba sekungenelele noMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa noMgcinimafa kuzwelonke.
UMweli uthe umnyango wesifundazwe uhluleka ukukhokhela izinto eziningi okubalwa osonkontileka, izikole, uchatha wothisha nokunye.