UFAKAZI ecaleni lowesilisa othweswe icala lokubulala owesifazane isidumbu sakhe esatholakala silahliwe komunye umuzi KwaMashu ngonyaka odlule uveze ukuthi ummangalelwa wagonyuluka kuyena ngakwenzile.
UMnuz Sphiwe Mkhize (36) ubevele enkantolo yeMantshi eNtuzuma ngecala lokubulala uNksz Noluthando Shezi (23).
Ummangalelwa wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngemuva kokuba ezinikele emaphoyiseni.
Ufakazi igama lakhe eligodliwe izolo utshele inkantolo ukuthi uMkhize wagonyuluka kuyena ngokuthi uthathe ngenhliziyo wabulala umufi ngoba ecikwe ngabazali bakhe.
"Ngalo usuku anyamalala ngalo umufi uMkhize weza kimina wangitshela ukuthi kukhona into embi aseyenzile,'' usho kanje.
Uthe wamncenga ukuthi amtshele ukuthi yini leyo ayenzile kodwa uMkhize wanqaba ukusho wahamba waze wabuya ngakusasa esozomtshela ukuthi ubulale owesifazane.
"Wangitshela ukuthi ukhethe ukuthi abulale umufi ngoba abazali bakhe babengasafuni ukumkhokhela imali yakhe. Ngambuza ukuthi yimalini le edala ukuthi aze akhiphe isidumbu wagcina engazange angitshele,'' kuchaza yena.
Ngesikhathi ufakazi ekhuluma ummangalelwa ubemgqolozele emehlweni kwesinye isikhathi ubebuye abonakale esenikina ikhanda.
Omunye ufakazi owabona isidumbu silahlwe egcekeni, uthe sasiboshwe umlomo ngendwangu emhlophe futhi sinamanxeba ehlukene entanyeni nasezingalweni.
Utshele inkantolo ukuthi akubona ngalelo langa kwamhlukumeza kakhulu ngoba njalo kuyabuya emqondweni wakhe.
“Empilweni yami ngangiqala ngqa ukubona isidumbu sowesifazane silahlwe ngaleya ndlela,’’ usho kanje.
Unina kamufi, uNkk Nomalanga Shezi, utshele Isolezwe ukuthi ufuna ukubona ummangalelwa ebolela ejele ngesihluku asikhombisa endodakazini yakhe.
Icala liyaqhubeka.