ABAWUBAMBELE amagqubu umndeni womsolwa obulawe ngesihluku ngamalungu omphakathi, ngezinsolo zokuthi unqume ingane waphuza igazi layo ngesonto eledlule eMkholombe, ePort Shepstone.
UNksz Thami Qhoboshiyane onguninomncane kaPhumelele (2), isidumbu sakhe esatholwa sihlohlwe ebhakedeni singenalo ikhanda emjondolo osendaweni, uthe kuyisifiso somndeni ukuthelelana amanzi noka-Aphile Ngesi (16), obulawe ngesihluku ngamalungu omphakathi ngemva kokubhadanywa nesidumbu sengane sihlukaniswe nekhanda. Kuthiwa ngaphambi kokufa, u-Aphile wagonyuluka ngokunquma umgilwa eveza ukuthi uphuze negazi lakhe.
“Unina ka-Aphile (umsolwa), uthumele othile exolisa ngesenzo sendodakazi yakhe. Asiwubambele magqubu umndeni, wamukelekile ukufika emngcwabeni kaPhumelele ozokuba ngempelasonto eLusikisiki. Siyakuqonda ukuthi ingane wayengayithumile. Kubuhlungu okwenziwa yindodakazi yakhe kanjalo nokwenziwa wumphakathi kuyo kodwa ngeke kusabavusa ngakho impilo kumele iqhubeke,” usho kanje.
Ukusho lokhu nje, umsolwa ona-17 ongumngani ka-Aphile okukholakala ukuthi wuyena owathumba uPhumelele emdoba ngokumthengela ama-chips, izolo uvele eNkantolo yeMantshi yasePort Shepstone. Inkantolo kuthiwa ilihlehlisele kusasa icala. Kuvele ukuthi izethameli bezingavunyelwe ngaphakathi enkantolo ngenxa yeminyaka yomsolwa, ngaphandle kukanina womsolwa.
UNksz Qhoboshiyane uthe akeneme ngomndeni womsolwa ophilayo, wathi unina uzame ukumvikela ngokumphikela ukuthi icala ulenzile, gwiqiqi kwezwakala ukuthi yena umphelezelile ngesikhathi ezinikela emaphoyiseni.
“Kusiphatha kabi ukwenqatshelwa ukuthi singene enkantolo sizibonele umsolwa owenze lesi sihluku. Noma kunjalo, ukuboshwa kwakhe kusinika ithemba lokuthi sesizokwazi ukuthola ukuthi ngubani owayethume lezi zingane ukuthi zenze isihluku esinje. Kumanje sinezindleko esingazi sizozigcina ngani kwazise akekho osebenzaayo lapha ekhaya,” usho kanje.
Uthe unina kamsolwa oboshiwe ngokubona kwabo, akakhombisi ukuzisola ngoba kwahlula noma sebezifikele mathupha kwakhe, kunalokho wavuka indlobane engafuni ukuzwa lutho ngesenzo okusolelwa kuso indodakazi yakhe.
Imizamo yokuthola imindeni yabasolwa ayiphumelelanga njengoba abebekhuluma nentatheli bebezilandula izinombolo zayo.