ZIMBILI VILAKAZI
Udedelwe ngebheyili ka-R5000, yiNkantolo yeMantshi yaseThekwini, owaseMsinga osolwa ngokudubula ayebasola ngokumubamba inkunzi.
UMnuz Muzi Phungula (38) ongowokudabuka eMsinga kuthiwa wadubula uMnuz Mthobisi Mnguni nabanye ababili abangaziwa ngo-Okthoba 24 nonyaka.
Ummeli kaMuzi, uMnuz S Phungula efunda incwadi kamsolwa efungelwe emcelela ibheyili uthe ngosuku lwesigameko, umsolwa wayemi nabanye abathathu ngaseMusgrave, bephethe amabhodi abhalwe ukuthi baya eMgungundlovu.
"Kwehla abasolwa ababili emotweni eyiSuzuki 7 seater, batshela umsolwa ukuthi bazothatha yena yedwa ngoba ezikhaleni ezisele basazogibeza abanye abahamba nabo ngendlela," kusho uPhungula.
Uqhube wathi, imoto yathi uma isingaseSherwood, bamshintshela, bamthuka, bamkhiphela izibhamu bathi bayasebenza manje.
"Ngenhlanhla umsolwa wakwazi ukuthi adonse esakhe kuqala wabadubula bonke, ngisho ngomshayeli," kusho uPhungula.
Udalule nokuthi ngesikhathi esedubule nomshayeli, imoto yaphaphalaza, yayoshayisa enye.
"Umsolwa waphuma emotweni wahamba, waya endlini yakhe," kusho uPhungula.
Kuvele ukuthi uMuzi waboshwa emva kwezinsuku ezine isigameko senzekile, esezinikela emaphoyiseni ngosizo lommeli wakhe.
Uzama ukubeka amaphuzu okuthi angayinikwa ibheyili uMbuso, ngomlomo kamshushisi uMnuz Calvin Govender uthe, nakuba kuzwakala okubekwa umsolwa kodwa kukhona okunye okushaya amanzi.
"Wabaleka endaweni yesigameko, amaphoyisa awawaficanga amagobolondo ezinhlamvu, umsolwa wawaqoqa wawayisa kubo eMsinga. Okunye nezibhamu athi wayehlaselwa ngazo, azitholakalanga ngakho akekho onolwazi lokuthi lokhu akushoyo kuyiqiniso," kusho uGovender.
Uqhube wathi abafi babenamanxeba ngemuva okusho ukuthi babengesiyo ingozi kuye.
Ebhola izimbobo emaphuzwini kaGovender, uPhungula uthe kungenzeka ukuthi izibhamu zabafi zantshontshwa abantu abafika kuqala kunamaphoyisa endaweni yesigameko.
Nokho uGovender elekelelana nomphenyi wecala, uWarrant Officer Xolani Mlungwana, obesenezela ubufakazi bakhe ngomlomo uthe, umnikazi wemoto eyaphaphalazelwa yimoto yabafi esitatimendeni sakhe uveza ukuthi abekho abantu abafika bathinta indawo yesigameko ngaphambi kwamaphoyisa.
Esitatimendeni sakhe kuthiwa uveza nokuthi wambona ummangalelwa ehla emotweni ebaleka ngezinyawo, wathi uma esondela kuyo, wabona ukuthi inabantu asebedutshulwe bafa.
UMuzi kuthiwa wakucacisa ngesikhathi ezinikela emaphoyiseni ukuthi abafi wabadubula ngoba ezivikela.
Wathi okwenza wabaleka futhi wangabika emaphoyiseni ngokushesha ukuthi wayethukile kodwa ukuzinikela kwakhe wakwenza ngoba azi ukuthi akanancala njengoba ababulala ezivikela.
IMantshi uMnuz Ashwin Singh emdededela ngebheyili uthe ubufakazi bakhe buyamukeleka.
"Inkantolo ikudedela ngebheyili ka-R5000. Ukube awuzinikelanga emaphoyiseni ngabe namanje akuboshwe muntu ngaleli cala. Ukhombisile futhi ukuthi uzimisele ngokusebenza namaphoyisa ngoba uzinikele kuwo waze waletha namagobolondo ezinhlamvu," kusho uSingh.
Icala lizobuyela enkantolo ngoFebhuwari 4, 2025.