ISIKHWAMA esixhasa ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme i-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS), sixwayise omastende ngokuthi bazophucwa igunya lokuhlalisa izitshudeni uma izindawo zabo zingekho ezingeni futhi zingahambisani nemigomo ebekiwe.
Lesi sexwayiso sikhishwe njengoba i-NSFAS ivule ithuba lokuthi abafuna izindawo zokuhlala, bafake izicelo ukuze babekise izindawo zokuhlala kulo nyaka.
Isitatimende se-NSFAS sithe lesi sikhwama siyaqhubeka nokuqapha ngelokhozi izindawo ezihlala izitshudeni ukuthi ziyahambisana yini nemigomo ebekiwe.
“Sibheka ukuthi imigomo ebekiwe okumele ibekhona kulezi zindawo ukuthi iyalandelwa. Uma ingalandelwa sizoziphuca izitifiketi negunya lokuthi zihlalise izitshudeni ezixhaswe yi-NSFAS,” kusho isitatimende.
Isitatimende siqhube sathi ithuba elivuliwe lizovalwa uma sezigcwele zonke izindawo zokuhlala.
Kwenzeka lokhu nje, ngesonto elizayo kulindeleke ukuthi kudedelwe imiphumela ka-matric, bese kuqala ukubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Kube nezikhalo phambilini ngezinye zezindawo ezihlalisa izitshudeni ezingekho ezingeni futhi ezingahlangabezani nemibandela ebekiwe.
Nyakenye kuke kwaba nezinkinga ngohlelo lwalesi sikhwama lwezindawo zokuhlala.
Omastende nabo bagcina bekhala esifanayo njengoba abanye babengakhokhelwa ngesikhathi, okwenza baxosha izitshudeni ezasala zingenayo indawo yokuhlala.
Lokhu kwenza umlawuli walesi sikhwama uMnuz Freeman Nomvalo, wahambela izifundazwe ezehlukene, lapho ayehlangana khona nabahlinzeka ngezindawo zokuhlala ezwa izikhalo nezinselelo ababhekene nazo.
Isitatimende se-NSFAS sithe inhloso ngukuhlinzeka izitshudeni ngezindawo zokuhlala ezisezingeni.
“Izitshudeni kumele zihlinzekwe ngezindawo zokuhlala ukuze zenze kahle, futhi zigxile ezifundweni zazo. Kumele izindawo ezihlala izitshudeni zihambisane nemali ekhokhelwa lezi zindawo,” kusho i-NSFAS.
I-NSFAS isanda kuyalela omastende ukuthi baqinisekise ukuthi isitshudeni abasamukelayo sixhasiwe yilesi sikhwama.
Lokhu kwenzelwa ukuthi kungabi nezinkinga uma sekumele bakhokhelwe kutholakale ukuthi asixhasiwe.
Kuke kwakhalwa nangokuphuza ukuphendula kwe-NSFAS kulabo abasuke befake izicelo zoxhaso.
I-NSFAS yathembisa ukuthi izosheshe iphendule izitshudeni ezisuke zifake izicelo kanti kwazona izitshudeni ezifake izicelo zayalelwa ukuthi zisheshe zibike uma kukhona izinto ezidingwa yilesi sikhwama ngesikhathi zisalinde izimpendulo zoxhaso.
Abafuna ukufaka izicelo zezindawo zokuhla bangaya ku:https://www.nsfas.org.za/content/accommodationprovider.