UMHOLI weMK, uJacob Zuma, uyalele i-ANC ukuba ihoxise isinqumo sokumxosha, wasabisa ngokuthatha izinyathelo zomthetho uma engabuyiselwa kule nhlangano ake waba umengameli wayo iminyaka eyishumi.
Lokhu ukusho encwadini yabameli ebhekiswe kunobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula.
Kule ncwadi yabameli, uZuma uthe akuzange kulandelwe imigomo ngesikhathi exoshwa.
Ukhale ngokuthi ikomiti eliqondisa ubugwegwe kwi-ANC lanqaba isicelo sakhe sokuthi azifikele mathupha esigcawini sokuqondisa ubugwegwe, kungasetshenziswa ezobuchwepheshe.
Uphinde wakhala nangokuthi akazange anikezwe ithuba lokuthi abeke uhlangothi lwakhe ngesikhathi eshushiswa.
Ikomiti elilalela amacala adlulisiwe kwi-ANC nalo lachitha isicelo sikaZuma sokuba kubuyekezwe isinqumo sokumxosha.
UZuma unikeze i-ANC umnqamulajuqu wasekupheleni kwenyanga ukuba ihoxise isinqumo sokumxosha.
"Uma kungenzeki lokho ngiyophoqeleka ukuba ngithathe izinyathelo zomthetho."
Okhulumela inhlangano kaZuma engenzi nzuzo, iJacob G Zuma Foundation, uMnuz Mzwanele Manyi, uthe banethemba lokuthi abaholi be-ANC bazokwenza into elungile.