UMCULI uLwah Ndlunkulu usezwakalise ukungenami kwakhe ngezinkulumo zabantu zokuthi wehla emzimbeni ngenxa yensangu.
Lo mculi ozakhele ugazi ngezingoma eziningi uveze ukuthi useze agqoke izimpahla ezinkulu kunaye.
“Ingiphatha kabi ke kodwa le yokuthi ningi lingibelesele ngokuthi ngizacile ngiqedwa insangu, akukuhle lokho bakwethu. Anokuhlonipha ukushintsha komuntu ngoba sikhula ngeyindlela eyingafani kanti futhi nesimo esibhekana nazo anizazi kodwa ngingaqiniseka ukuthi angizidli izidakamizwa. Lokhu enikubhala kuma-comments uma kunijabulisa ningaqhubeka, ngiyabonga,” kusho uLwah Ndlunkulu ekhasini lakhe lika-Facebook.
Uthe ngisho ezama ukuba ngcono kodwa abantu abajabuli, baphilela ukugxeka “umuntu aze azizonde”.
“Ngiyawunyanya umzimba wami ngize ngigqoke izinto ezinkulu ukuze ningangibeki amabala kodwa nithi ngigqoka osikhula naye. Mhlawumbe kungaba ngcono uma ningasho ukuthi Lwah nansi indlela esifisa ube yiyo futhi uziphathe ngayo kodwa cha nje ngiyathukwa zonke izinsuku ngesisindo nokuma kwami? Ngiyazazi ukuthi nginesishwapha futhi ngizacile, manje ngenze njani?”
Uveze ukuthi maduze uzokhipha umculo omusha.