ABACULI bowokholo uSgwili noBabo abamemezela ukuthi bazobuyisa iqembu labo Ikhethelo baqhubeka nezinhlelo zabo zokusebenza ngabodwana.
Izindaba zokubuyelana kwabo baziveza ngemuva kokucula ngokuhlanganyela enkonziweni yesikhumbuzo sikaZanele Mbokazi ngonyaka odlule.
Nokho kubukeka kuyinto engeke yenzeke maduze njengoba bobabili behlela ukukhipha umculo ngokwehlukana.
Ukukhipha ndawonye bakugcina eminyakeni engu-14 edlule lapho bazakhela khona ugazi ngezingoma okubalwa kuzo ethi Amatshe nezinye.
USgwili uthe okwamanje azikho izinhlelo eziphathekayo ngokubuya kweKhethelo.
“Angikwazi ukumisa izinhlelo zikaSgwili ngingazi ukuthi lokhu kuzokwenzeka ngasiphi isikhathi. Kungekudala kule nyanga kukhona engizokukhipha. Sisahlanganisa nethimba lami ukuthi kuzoba yingoma eyodwa noma i-EP,” kusho uSgwili.
Uthe uhlela nokuqopha bukhoma ngokuhamba kwesikhathi.
UBabo yena ngakolunye uhlangothi uveze ukuthi uzokhipha i-albhamu ekupheleni kukaJanuwari. Uthe ukukhipha kwakhe ngeke kuliphazamise iKhethelo.
“EyeKhethelo isahlelwa ngoba kuneminyango esifisa ukuyithinta. Sibanike ithuba lokuthi nabo babe nesikhathi ukuze sikhiphe into enesisindo. Akusho ukuthi alibalulekile kodwa siyahlela ukuthi kube nengoma eyisibingelelo bese sikhipha kahle ke,” kusho uBabo.
Echaza nge-albhamu yakhe entsha uthe igama layo kuzoba wuHambo IV njengoba agcina ngoHambo III eminyakeni emibili edlule.
“Yi-albhamu ebuyisa ithemba ngezingoma ezibhalwe kahle ezivuselela umculo wokholo. Sifuna ukubuyisa loya msindo wePhasika. Umculo wokholo manje usucishe waxuba nomjuxuzo kakhulu nokuyinto engelona iphutha kodwa mina ngifuna ukwenza izingoma ezakha umphefumulo.
“UBabo wumuntu oculela umphefumulo, izingoma zivuselele bese ziba yindumiso kuyiwa ePhasikeni. Ngibuyisa uthando lomculo wokholo ebantwini abancane,” kuchaza uBabo.
Uthe usebenze noLwazi Mngomezulu, Lindani Gumede noMondli Ngcobo nabanye kwi-albhamu.
“Ukungakhiphi kwami ngonyaka odlule kwakuyingenxa yokuthi izingoma zami ngizinika isikhathi. Uma ubheka manje abantu basacula Amatshe ango-2008, Deliwe wango-2014 namanje usahlatshelelwa kanjalo noThixo Mkhululi wango-2016. Umculo uhamba ibanga elide angijahi ukwenzela abantu isikhathi singakafiki.”