UCHAZWA njengegeza “elizitshelayo ngokubukeka kahle kwalo futhi elingadlulwa yisiketi” umlisa onukwa ngokubulala intombazane ayigqibe eNanda, eThekwini, ngoKhisimusi.
UMnuz Mfanafuthi Kunene (37) ubevele eNkantolo yeMantshi eThekwini, ngecala lokufa kukaNksz Ayabonga Mjilo (24).
Isolezwe lithole ngomthombo oke wasebenza naye uKunene eNutun ukuthi (lo mbhemu) uwuhlobo lomuntu ozitshelayo, ozaziyo ukuthi uyabukeka futhi udume ngokushela kwasani kubasebenzi abakhwishiza ngaphansi kwakhe.
Omunye umthombo uthe uKunene uyinsizwa eyaziwa ngobusoka, ebinganqeni ukuthenga izipho ezibizayo nxa izifela ngowesifazane. Uthe bamangele ngento eyenzekile futhi bayathemba ukuthi uzogonyuluka achaze imbangela ngoba abayikholwa into anukwa ngayo.
Yize omunye umthombo udalule ukuthi emaphaseji ase-call centre ixoxelwa phansi eyokuthi umsolwa nomufi bebethandana kepha abebesondelene noNksz Mjilo bathi amampunge lawo ngoba ubenesoka lakhe abengasabi ngalo.
Kuthiwa uNksz Mjilo wayefake isithombe sesoka lakhe abalaziyo kwi-status sika-WhatsApp ngosuku abulawa ngalo. Lokhu kuvezwe omunye wabangani bakhe obesenkantolo.
Umufi nomsolwa babegcine ukubonwa ndawonye endaweni yokudlela eseMhlanga, iCappello, ngoDisemba 24.
Umngani kaNksz Mjilo, uNksz Asanda Shabane, othe bese beneminyaka emibili bengabangani, umufi usebenze izinyanga ezinhlanu e-call centre i-Nutun, eMhlanga, lapho uKunene abeyi-Operations Manager khona.
“Ezinyangeni ezimbili ezedlule, ushintshile wayosebenza e-Webhelp, ushona nje ubesaqeqeshwa,” kusho uNksz Shabane.
Uthe kabazi ukuthi umsolwa nomufi bebehlanganiswa yini.
“Ubenalo isoka u-Ayabonga. Njengoba ebenyamalele, besimbheka nalo. Sishaqekile ukuthi ubulawe omunye umuntu wesilisa,” usho kanje.
“Into yokugcina ayi-phosta, kwakuyisithombe sakhe nomuntu wakhe. Washona ngoKhisimusi,” kubeka uNksz Shabane oveze ukuthi wayelindele ukumbona emsebenzini ngoDisemba 26, nokwagcina kungenzekanga.
Umchaze njengomuntu obevulelekile, ethanda ukuxoxa, enenhliziyo enhle kodwa engakwazi ukuthula nento uma imdina.
“Sitholile ukuthi ephuma eCappello wayediniwe, elwa naye umlisa,” kusho yena.
Uthe bathi uma beyilandelela iselula yakhe, bathola ukuthi igcine ukudonsa kubo kamsolwa kodwa bathi uma bebuza ababafica khona, baphika ukuthi bake bambona uNksz Mjilo, umsolwa bangamfica. Kuthiwa eNanda yikwaninakhulu kaKunene kanti yena ubezinze eVerulam.
Umalume kamufi, uMnuz Mthetheleli Mjilo ekhuluma noNdunankulu waseKZN, uMnuz Thami Ntuli naye obezifikele mathupha ukuzothamela cala, uthe izinhlaka zikahulumeni azivuselele izindlela zokukhuliswa kwabantu ukugwema izigameko lapho amadoda ebulala ngesihluku abesifazane.
“Kuningi engifisa ukukusho kodwa ngeke ngikusho ngoba amadoda okufanele ezwe lo myalezo awekho la,” kusho uMjilo.
Uveze ukuthi bahlobene nabomndeni wakwaKhambule, okwaqothwa kuwo abayisikhombisa ngoSepthemba, nyakenye.
“Kubuhlungu kuthi njalo sihlale sivela kwabezindaba ngezigameko ebezingagwemeka,” usho kanje.
Uthe nango-2020 kukhona esinye isihlobo sabo, esabulawa ngendlela efanayo, wakhala ngokuthi bancane abasolwa abagcina beboshwa ngezigameko zokubulawa kwabesifazane.
Udadewabo kamufi, uNksz Nontobeko Mjilo okhulume nabezindaba zigobhoza izinyembezi, uveze ukuthi umsolwa uzikhombele lapho egqibe khona umufi.
Ubonge amaphoyisa aseGreenwood Park, athe alulandele kwaze kwaba uyaboshwa umsolwa udaba.
UNtuli ekhuluma nabezindaba ngaphandle kwenkantolo, uthe kuyakhathaza ukwanda kwezigameko zokubulawa kwabesifazane nezingane esifundazweni.
Ucele izinhlaka ezahlukene ukuthi zisukume, ukhuzwe lo mhlola wodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
“Kukhona ubulwane obukhona ebantwini besilisa, bokuthi kufanele kuze kuphume umphefumulo. Laba bantu bebesebenza bonke, uyazibuza ukuthi isizathu sokuthi aze abulale umuntu abesebenza naye isiphi?” kubuza uNtuli.
Imantshi, uMnuz Scelo Zuma, ilihlehlisele uFebhuwari 26 icala emva kokuthi umsolwa ecele ukumelwa ngummeli kahulumeni. Kuvele ukuthi ngeke ayicele ibheyili.
Umshushisi woMbuso, uNkk Desiree Boyang Mlondo, uthe ophenyweni lwamaphoyisa kusashoda ezinye izitatimende, umbiko wokuhlolwa kwesidumbu nomphumela wolibofuzo.
Umsolwa ungene enkantolo exhuga, edumbile nasebusweni. Ubelokhu ebheke phansi, kukhona nalapho ake wabonakala echiphiza izinyembezi.
Bekuvalwe ngomuntu emnyango, abantu bezokweseka umndeni.