UKUKHATHAZEKA ngezigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, kuholele ekutheni abhale incwadi ekhuluma ngodlame lobulili, owesifazane ongumsebenzi wasezindlini.
UNksz Pretty Mlondo (32)waseMkhuze ubhale incwadi ngolimi lweSiZulu esihloko sayo sithi Impilo ka-Olwethu. Ikhuluma ngomfanau-Olwethu okhule ehlukunyezwa ngokocansi. Esekhululile umfana waqanjelwa amanga, kuthiwa udlwengule intombazane. Ugcina ephumela obala ngokuthi uyahlukunyezwa.
UNksz Mlondo uthe ngencwadi yakhe ukhuthaza ukuthi amadoda angafeli ngaphakathi, makakhulume njengo-Olwethu ngoba ukungakhulumi yikho okudala intukuthelo, egcina iphumele kwabanye abantu, okuvame ukuthi kubengabesifazane.
UNksz Mlondo uthi ukhule efuna ukuba ngumethuli wezinkulumo ezakhayo nokwenza izinto ezinkulu empilweni kepha wanqindeka ngenxa yokungaphumeleli ku-matric ngo2010. Lokhu kwaphoqa ukuthi aqale ukusebenza ezindlini kusukela ngo-2011 ngenxa yesimo esingesihle ekhaya.
Akathenekanga amandla okugqugquzela nokukhuthaza abantu njengoba egcineeqoma ukwenza lokhu ngokuloba incwadi.
"IsiZulu ngiyasithanda futhi ngikwazi ukusibhala kahle. Ngesikhathi ngisafunda bengihlale ngisiphasa kahle,"kusho uNksz Mlondo.
Uthe akumthathanga isikhathi eside ukuhlanganisa incwadi enamakhasi angu-60. Uqale ukuyibhala ngo-Ephreli ngesikhathi kunezikhukhula ngoba ubengematasa emsebenzini. Ishicilelwe ngo-Agasti.
"Ngaphandle kokuveza ukuthi abesilisa nabo bayahlukumezeka, bengifuna nokukhombisa ukuthi nathi basebenzi basezindlini, kukhona okuhle esingakwenza. Abantu abaningi bayaye basibukele phansi ngenxa yomsebenzi esiwenzayo, ekubeni abanye bazithole sebesebenza ezindlini nje yingoba bengawutholi umsebenzi. Abanye bafana nami, abazange babe nalo ithuba lokuya nasesikhungweni semfundo ephakeme kodwa banalo ikhono abazalwe nalo," kusho yena.
Uqhube wathi ngesikhathi eqokelela imali yokushicilela incwadi ubencamela ukungavakashi ekhaya, imali yonke ayiholile ayisebenzisele ukushicilelaincwadi.
"Inhloso yami bekungukuthi ngiqale ngishicilele bese ngiyabona ukuthi abantu bayamukela kanjani incwadi. Ngiqale ngagaya amakhophi angu-10 adayisa aphela. Ngenyukela ngagaya angu-20, nawo adayisa aphela. Ngasengiyabona ukuthi abantu bayithandile, ngase ngigaya amakhophi angu-50," kusho uNksz Mlondo.
Uthe usebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuze amakethe incwadi yakhe. Okwamanje uthe uzidayisela yena ngoba akakabi nayo imali yokuthi ingene ezitolo zezincwadi. Abakude uyabaposela. Eveza amanqampunqampu ngencwadi yakhe uNksz Mlondo, uthe u-Olwethu, uyahlukunyezwa kodwa angasho.
Kuze kwavela ngoba othisha esikoleni sebeqaphela ukuthi wayengasenzi kahle ezifundweni zakhe, engasathandi nokudlala nabanye abafundi, wagcina ekuvezile ukuthi unenkinga ekhaya.